Kungani ElaboHlanga lilila ngokwehlele uThumbeza



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulokhu ipolitiki isiphuce okukhulu. Ukumiswa kukaMehluleli uHlophe kusiphindisele emuva njengaboHlanga. KuMehluleli uHlophe kasilahlekelwanga nje yisifundiswa kepha silahlekelwe wubuchopho obuyisimangaliso. Wehliswa esikhundleni nje bese kunguye osedonse isikhathi eside eNkantolo Enkulu yaseWestern Cape. Waqokelwa kulesi sikhundla ngonyaka wezi-2000 njengoMengameli wabeHluleli.
UThumbeza yisifundiswa isibili. Ufunde University of Natal, e-University of Fort Hare kanye naseCambridge University. Uke wafundisa ngomthetho e-University of Transkei ngaphambi kokuba abizelwe ebhetshini (ukuzoba ngumehluleli). Ngerxa yeziqu zakhe zobudokotela kwezomthetho uHlophe ubenguSolwazi futhi cishe efunde kunabo bonke abehluleli ezweni.
Wake waba sematheni ngesikhathi ebhala umbiko ngobandlululo eNkantolo Enkulu yaseWestern Cape nayilapho akhomba ngomunwe iSekele Mengameli wabehluleli uJeanette Traveraso. Lo mbiko wawunika uMehluleli oMkhulu ngaleso sikhathu uPius Langa.
Akangcinanga lapho njengoba embikweni ongamakhasi angama-43 wakhomba abanye abehluleli abamhlophe ebasola ngokuba nobandlululo. Lo mbiko wawunika uNgoqngoqshe Wezobulungiswa ngaleso sikhathi.
Kuleli cala elimguqisile sisola ipolitiki nosopoliti ngoba konke okukuleli cala akukho okuhlangene nomthetho kakhulu kepha yipolitiki. Ukuphikisana kwakhe nabalingani bakhe abamsola ngokuthi wabe ezocubuzela owayenguMengalei uZuma amagabadi ukuze bamzwele uyakuphika uThumbeza. Nokho abamsolayo nabo bamile.
UHlophe ungene obishini ngepolitiki nosopolitiki. Kanjalo nabagcine bemjuqile kube yipolitiki nosopolitiki. Yikho silila ukuthi ukungcola kwepolitiki sekudle omunye wethu, kucishe isibani sethu, isifundiswa sakithi nongqondongqondo.
IsiZulu sabadala kungathi sasibuka lokhu ngesikhathi sithi: “kalikho isoka elingenasici”. Yikho kwelaboHlanga uHlophe uyohlale enguMehluleli uHlophe ngoba sigqemeke engeqiwa ntwala.