Ushikishi lweNedbank Cup luvame ukuvundulula amakhona
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
INedbank Cup umqhudelwano ojwayele ukumangaza abantu abaningi, lapho kubonakala amaqembu amakhulu ehlulwa amancane. Lokho sekwenzeke izikhathi ezide.
Lo mqhudelwano eminyakeni edlule usuveze abadlali abaningi ababe bengaziwa singabala u-Andile “Mhlekazi” Jali noMthokozisi Yende abagqama kuPretoria University (Tuks). Kuphinde kugqame nabaqeqeshi uSello Chakoe owayeqeqesha iBaroka FC eyahlula iKaizer Chiefs wazakhela udumo ngawo lo mqhudelwano.
Njengoba iqalile iNedbank Cup yakulo nyaka izolo baningi abadlali, abaqeqeshi kanye namaqembu azofuna ukugqama ngamaqembu amakhulu.
UNkululeko Buthelezi oqeqesha iqembu laKwaZulu-Natal eligijima kuMotsepe Foundation Championship iMilford FC, uthe lothi liphela usuku lwangeSonto uyobe esaziwa.
IMilford FC izotholana phezulu neChiefs esibe nebhadi lokukhishwa amaqembu amancane kulo mqhudelwano. Lo mdlalo uzoba seFNB Stadium, eGoli ngehora lesi-6 kusihlwa.
“Akekho umuntu ongaziyo kodwa ngiyakholwa ukuthi lothi liphela usuku lwangeSonto abathandi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika bayobe belazi igama lami. Lokho kokwenzeka bese ngiguqise iChiefs. Akekho ongazi ukuthi uma ngabe unqobe kwiChiefs uba yiqhawe kubathandi bebhola ngoba usuke ushaye iqembu elikhulu ebholeni lakuleli” kusho uButhelezi ekhuluma nabezindaba eMhlanga lapho kade kunenkomfa yawo wonke amaqembu aKwaZulu-Natal azoba yingxenye yeNedbank Cup.
Uthe akukho okushintshile ejimini bazozilungiselela njengoba basuke bezilungiselela mabedlala iligi.
“Akukho okumele sikushintshe ejimini abadlali bayazi ukuthi kumele benzeni. Njengoba bezodlala neChiefs kukodwa nje kwiyisikhuthazi kubona” usho kanje uButhelezi.
Phambilini leli qembu libe nezinkinga okubalwa kuzo nezezimali njengoba abadlali bengaholanga ngesikhathi.
Ebuzwa ngakho lo mqeqeshi uthe: “Alikho ikhaya elingenazo izinkinga, kodwa zixazululekile abadlali bazimisele ukulwela iqembu ukuze liye phambili” esho ngamafishane.
Amaqembu asezibekele indawo kuLast 16 iMamelodi Sundowns ebhaxabule iLa Masia ngamagoli ayisithupha kwelilodwa, kwaba iSuperSport United ehlule iCape Town City sekukhahlelwa amaphenathi ngamagoli amathathu kwelilodwa.