Now Reading
Ngabe izinyunyana ziphonsa ithawula?
Dark Light

Ngabe izinyunyana ziphonsa ithawula?

Ukuzwakala njengokuphonsa ithawula kwenyunyana enkulu yabasebenzi basezimayini ezweni iNational Union of Mineworkers (NUM) ngesimo sokuphela kwemisebenzi nokukhula kwesibalo sabangasebenzi kulahlisa ithemba kwabasabheke ukuthi kukhona okungcono okuzayo.

Beqeda nje ukukhipha izibalo zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika iNUM ngomlomo woMkhulumeli wayo uMnu uLeboane Mampuru ithe lukhulu luyeza luyanyelela kwazise kunezinkampani ezingaphezu kwezinhlanu embonini yezimayini esezinike abasebenzi izincwadi zeSigaba 189 okuyizinkomba zokuthi zizodilika kungekudala. 

“I-Anglo American isikushilo ukuthi izodiliza, i-Iron Ore nayo isho okufanayo ngokuthi ngabasebenzi abangama-500 abazodilizwa iphinde imise ukusebenzisana nezinkontileka eziqashe abantu abasebenzisana nayo okuzogcina bengale kwezi-3000 abantu abazophelelwa umsebenzi. I-Anglo Platinum ikhala ngokuthi kulesi sikhathi ayenzi nzuzo nayo ithi ayikho enye indlela engalekelela ngayo umkhiqizo nebhizinisi ngaphandle kokudiliza,” kucacisa uMampuru.

Akahlonizi ngokuthi isimo sisazoba sibi kakhulu ngokwanda kwabantu abangasebenzi, kepha njengenyunyana abazigoqile izandla bayangenelela baxoxisana nezinkampani ukuba zibheke ezinye izindlela. 

Uveza ukuthi ngenxa yesibalo esikhulu sabantu abaphelelwa umsebenzi iNUM yasungula ikolishi lezobuchwepheshe namakhona eMidrand eGoli ukucija abasebenzi abasuke sebephelelwe umsebenzi ukuthi bakwazi ukuzisungulela amabhizinisi abo noma balolonge amakhono abo ukuze bakwazi ukuqashwa kwezinye izindawo uma kuvela amathuba. “Asinayo enye indlela kuzomele sicele uNgqongqoshe Wezabasebenzi Nokuqasha ukuba angenelele ngoba ayisengangathi”.

NeCosatu izwakalise esifanayo ithi ukungenelela kukaNgqongqoshe kumqoka. Yize isimo sisibi ezweni lonke kodwa izibalo zeStats South Africa ziveze ukuthi i-Eastern Cape yisona sifundazwe esishayeke kakhulu ngabantu abangasebenzi.

Ngaphambi kokukhishwa kwezibalo zakamuva zabangasebenzi ezweni ezingama-32.1%, isimo bese kudala sisibi. Umphumela wocwaningo lweQuarterly Labour Force Survey (QLFS) uveze ukuthi sehlile isibalo sabantu abaqashiwe ngama-22 000 safinyelela ezigidini ezili-16.7 ngesigaba sesithathu sonyaka ophelile. Isibalo sabantu abangasebenzi sigabavule safika ezi-46 000 okungabantu abayizigidi eziyisi-7.9 ngesikhathi esifanayo.

Ucwaningo luphinde lwaveza ukuthi sikhulile nesibalo sabantu abalahle ithemba ngokuthola imisebenzi safinyelela ezi-218 000 okungabantu abayizigidi ezili-13.4. Abanye abantu abayizi-107 000 kuvela ukuthi abasayingeni eyokuzikhathaza ngokufuna umsebenzi ngenxa yokuphelelwa isineke. Ngokwezibalo zeStatistics South Africa isibalo sabangasebenzi sinyuke ngo-0.2% sisuka kuma-31.9% njengoba sesimi kuma-32.1%.

Umatikuletsheni awusasho lutho

INhloko kwaStatistics South Africa uMnu uResenga Maluleke uxwayisa ngokuthi kulesi simo esinzima izwe elibhekene naso kwezomnotho kusemqoka ukuthi labo asebephanse umatikuletsheni bazikhathaze ngokuqhuba izifundo ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Ukuba nesicucu ikhona indima okuyiqathayo ekutholeni kalula umsebenzi noma kusuke kungewona ngqo lowo umuntu awufundele,” kweluleka uMaluleke.

See Also

Uthi abantu abaneziqu noma izitifiketi ezingale kukamatikuletsheni kuba ngcuba ngconywana okwabo uma kuhlungwa izicelo zomsebenzi ngoba iqiniso lithi uMatric usufana nesitifiketi okumele usisebenzise ukuvula iminyango emanyuvesi nasemakolishi ezobuchwepheshe, esingamsizi ngalutho umuntu uma ezosisebenzisela ukufuna umsebenzi.

“Izibalo zethu ziveza ukuthi minyaka yonke siya ngokukhula isibalo sabantu abaphase umatikuletsheni abahleli emakhaya, ngisho nalabo abawuphase kahle ikakhulukazi kwaboHlanga. Bheka nje ngoba kwaboHlanga abangasebenzi bangama-10% iningi labo abaphase umatikuletsheni neziqu ngaphezulu, kanti kwabaMhlophe namaNdiya isibalo simi kuma-8.5%.”

Kukhona nokukhuluma okuthi okwenza sinyuke kakhulu isibalo saboHlanga abangasebenzi yingenxa yokuba nesibalo esikhulu ezweni uma kuqhathaniswa nezinye izinhlanga. UMaluleke uthi kulokhu ngisho nemisebenzana evamise ukuvela ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ayizange isize ngalutho ngoba izinkampani bezibophe izifociya.

Ngokwezibalo imikhakha ekhombise ukunyuka ekuqasheni ngowezimali ngabasebenzi abayizi-480 000, owezokwakha oqashe abayizi-69 000, ukusebenza emphakathini nge-102 000. Imboni yemikhiqizo ilahlekelwe kakhulu ngabasebenzi abayizi-132 000.

Scroll To Top