Umzuzu onzima owokushiya abanye ngaphandle: uDesiree Ellis
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uvuma eyokuphathwa yikhanda lokuqoka iqembu azogadla ngalo kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games.
NgoLwesihlanu, u-Ellis nethimba lakhe labaqeqeshi babhekene nenselelo yokuqoka uhla lwabadlali abangamashumi amabili nanye abazogadla ngalo uma elakuleli selidudulana neTanzania.
IBanyana izoshukana neTanzania ekhaya nasekuhambeni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa kwelaseFrance enhlokodolobha, iParis ngonyaka ozayo.
Ozonqoba phakathi kweBanyana neTanzania uzozitholela ithikithi elibheke eFrance.
“Indlela abadlali abazinikela ngayo yenza kube nzima ukuqoka iqembu labadlali abangamashumi amabili nantathu esizohlasela ngalo iTanzania. Kunzima ukuqoka uhla lwabadlali abangamashumi amabili nantathu. Akukho lula ukutshela abanye abadlali ukuthi angeke babeyingxenye yabadlali abangamashumi amabili ntathu. Lowo ngumzuzu onzima kakhulu,” kubeka u-Ellis.
NgoMsombuluko u-Ellis uzomemezela iqembu labadlali abangamashumi amabili nantathu elizobhekana neTanzania.
“Kukhona abadlali abangekho ekhempini ngenxa yokulimala. Noma kunjalo kodwa kuzoba nzima ukuqoka iqembu esizogadla ngalo. Konke kulele kubadlali ukuthi baphakamise isandla. Uma uphakamisa isandla ukhombisa ukuzinikela ngeke sikuzibe. Ibhola linjalo-ke abanye baphakamisa izandla ngaphezu kwabanye. Ngingasho ngingahlonizi ukuthi ngeke kube lula ukumemezela iqembu labadlali abangamashumi amabili nantathu,” kuchaza u-Ellis.
IBanyana iyona ezoqala ekuhambeni kuTanzania mhla zingamashumi amabili nantathu bese kuthi umlenze wesibili udlalelwe eNingizimu Afrika mhla zingamashumi amabili nesikhombisa.
“Abadlali basebenza kanzima ngendlela eyisimanga. Ngifuna ukubonga namaqembu abo ngokusinika abadlali abayimiqemane. Yebo, ngosuku lokuqala kuvelile ukuthi kade besekhefini. Ngosuku lwesibili siwubonile umehluko. Njengamanje sesilwa nokwakha ubumbano. Okuhle wukuthi sihlanganisa iqembu eselidlale ndawonye isikhathi eside. Akukho nzima ukwakha ubumbano. Inkinga esihlasele nje yilanga elikhipha umkhovu etsheni kulezi zinsuku. Nokho asikhali ngoba kungenzeka sibhekane nesimo sezulu esifanayo uma sesibhekene neTanzania eTanzania,” kulandisa u-Ellis.
IBanyana yenze ezibukwayo ngonyaka odlule ifinyelela esigabeni somkhumulajezi eNdebeni yoMhlaba ebiseNew Zealand. Ikhishwe yiHolland ku-Last 16.
“Iligi yaseTanzania iyaqhubeka. Sebedlale imidlalo eyisishiyagalolunye. Ngakho ngeke kubelula. Yingakho sisebenza kanzima edlaleni ngokushesha nokuvala emuva ngendlela ehlelekile ejimini. Okuhle wukuthi abadlali abagijima phesheya kwezilwandle amasizini abo aphakathi. Okwethu manje wukuvala igebe phakathi kwabadlali abadlala phesheya nabagijima ekhaya.” kuvala u-Ellis.