UMokwena uvikela abasathuka isisinga kuSundowns
Uvikele uThembinkosi Lorch umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena ezakhe zibambana ne-Orlando Pirates emdlalweni weDSTV Premiership ngempelasonto eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ULorch ujoyine iSundowns ngoMasingana njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Usayine kuBrazilians esuka kweZimnyama. UMokwena akazange apholise amaseko umbophele esikimini zisuka.
ULorch akazange abe nomdlalo omuhle okuphoqe ukuthi akhishwe ngesiwombe sesibili somdlalo.
Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo uMokwena umvikele uLorch ngokungaqali ngenothi eliphezulu kuSundowns.
“Ngicabanga ukuthi sonke singenza kangcono. Lapha ngibala nabaqeqeshi imbala. Ngiyazi kunzima kubadlali futhi lokho ngiyakuqonda. Isimo sikaLorch ngiyasiqonda. Ubebhekene nengcindezi. Bekunezinkulumo eziningi ezithinta yena ngaphambi kwalo mdlalo ngenxa yokuthi ubebhekene neqembu lakhe elidala. Lokho akuzange kumsize kodwa kumfakele ingcindezi ephindiwe,” kusho uMokwena.
UMatias Esquivel odabuka kwelase-Argentina futhi osayiniswe ngezizumbulu ungene esuka ebhentshini ngempelasonto.
“UMatias usadinga ukubamba umgqigqo weligi nangendlela esifuna ukudlala ngayo. Okwamanje lokho kusenzima kuyena. Ulwimi nalo lwenza kubenzima kakhulu. Singenza kangcono sonke. Umuntu wokuqala okumele alwele ukwenza kangcono yimina,” kubeka uMokwena.