Now Reading
INkatha ilokhu yabahlonipha njalo abezindaba
Dark Light

INkatha ilokhu yabahlonipha njalo abezindaba

NGIKUBONE kungifanele ukuthi ngiphendule udaba oluphume kwelakho mhla ziyi 01-07 kuNhlolanja 2019 ngaphansi kwesihloko esithi “Kukhona okwehlukile nge-IFP kulokhu”.

Angicacise ekuqaleni ukuthi i-IFP kusuka ekusungulweni kwayo ngo-1975 yazibophezela ekwakheni ubudlelwane bokusebenzisana kahle nabezindaba, ishwa elasivelela ukuthi emva kancane nje kwalokho kwaqala umkhankaso wemfundisoze izimbangi zethu zisebenzisana nabathize kwabezindaba.

Kuthe ngonyaka 1979 kwaba nomhlangano phakathi kwe- IFP (iholwa Inkosi Mangosuthu Buthelezi) ne-ANC (iholwa uMnuz Oliver Tambo) eLondon nalapho kwakuyoxoxwa khona eqhulwini ngomzabalazo wezikhali (armed struggle) kanye nodaba lokubhonculwa kwezikhonkwane zomnotho ezweni (sanctions). Ngenxa yokuphikisana naleziphakamiso ezimbili kwabe ke i-IFP isizingenisele amanzi ngomsele; nokwathi uMnuz u-Alfred Nzo wagadla kuqala kuMntwana wakwaPhindangene ngo-1980. Nokwathi mhlaka 18 kuLwezi 1986 usonyunyana uMnuz John Nkadimeng wabiza Umntwana wakwaPhindangene “ngenyoka okumele ishaywe ekhanda…”

Kusuka lapho iningi labezindaba laqala lacula leloculo lenzondo.

Ngakho ke uma sixoxa loludaba kumele singalukhi nje phezulu, njengoba uMfo wakwaNomajalimane enza nje, ngoba umsuka walo ujulile futhi mude. Umntwana wakwaPhindangene kanye ne-IFP babhekane nempi esezingeni eliphezulu yokuhlaselwa nokuthukwa.

Kuyoyonke leminyaka i-IFP iphoqekile ukuthi iziphendulele mihla namalanga kuwowonke lamampunge ebesephenduke imfashini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni wamabhunu wayalela iziphathimandla zakwa-SABC ukuthi zingamvezi Umntwana wakwaPhindangene kumabonakude. Lomkhuba uqhubekile emva kuka-1994.

Ngonyaka ka-2013, singaqali futhi nalapho, kwaphoqeleka ukuthi simashele ekomkhulu lakwa-SABC eGoli sikhala ngendlela ebesiphethwe ngayo njenge-IFP.

Cishe wonke amaphephandaba, ngokusetshenziswa izimbangi zethu, besezikwenza umkhuba wansuku zonke ukulwisana nathi; ngakho kungaba yishwa elikhulu uma kungaba i-IFP ethweswa lomthwalo wobudlelwano obungebuhle ngoba i-IFP ayikaze yona izibhale kabi. Uma uMfo wakwaNomajalimane eneqiniso ngabe uthi abezindaba abazinuke bona amakwapha ukuthi kungani besiphilise kabuhlungu yonke leminyaka.

Uma singanekela izwe imiqingo nemiqulu yethu yezikhalazo namacala esiwafake kuPress Ombudsman akekho ongeke amangale.

Yize noma isimo sibangcono kodwa asikaphumi eGibhithe eliwukucindezelwa kwethu izingxenye ezithize kwabezindaba.

See Also

Kuyamangaza ukuthi bese kuthiwa sibuke amanye amaqembu ukuthi asebenza kanjani sengathi siyafika kulomkhakha. Alikho iqembu esilibukile kodwa okucacayo ukuthi unyazi olwashaya uSawuli selubashayile abathize emkhakheni wezindaba babona ukuthi asizona izitha zabo.

Asikaze thina sixabane nabezindaba, kodwa yibo abaxabana nathi ngezizathu ezaziwa yibo, kodwa futhi esaziyo ukuthi izizathu ezisekelwe inzondo nemfundisoze ephehlwa izimbangi zethu.

Lokushawa unyazi sekwenze zonke izinhlelo zethu zabonakala ngoba bezivele zikhona.

Kusukela ekwesekweni kwethu ngo-1975 kuze kube yimanje, okuyoze kube ingunaphakade, sisamile esibophweni sokusebenzisana kahle nabezindaba ebuhleni nasebubini.

Yimi owakho emsebenzini weSizwe Mkhuleko Hlengwa, MP Umkhulumeli weIFP kuZwelonke

Scroll To Top