Kulokoza inhlansi yokubuya kwesithunzi samankomane kuleli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Eminyakeni emibili edlule omakade bebona kumankomane bancome kakhulu ophromotha bakuleli ngendlela abaqhatha ngayo izimpi.
Lokho babe bekucacisa ngokusobala ukuthi kancane kancane babuyisa uthando olwabe lukhona kudala ngalo mdlalo okade usuwehlelwe isithunzi. Bekubonakala izindawo lapho okunezimpi khona zigcwala zithi phama.
Yinto enhle kakhulu leyo kwazise, lo mdlalo uke wabalwa nehamba phambili ngokulandelwa kuleli.
Kodwa izinkinga ezikhona enhlanganweni ephethe lo mdlalo iBoxing South Africa (BSA), kubukeka zizodala enkulu inkinga. Zenze siphinde sehlelwe isithunzi isibhakela.
Inkinga yeBSA iqale ngesikhathi uZizi Kodwa onguNgqongqoshe woMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko kuzwelonke, ethula amalunga amasha ebhodi elisha.
Kwasusa okukhulu ukukhuluma, kwaze kwathi ngoZibandlela iNational Professional Boxing Promoters Association (NPBPA) yanikela ePretoria High Court ikhala ngokuthi uKodwa akawulandelanga umthethosisekelo weBSA eqoka lamalungu amasha ebhodi elisha.
Lo soseshini wathi ngokweBoxing Act, bekumele aqale abonisane nawo ngaphambi kokuliqoka ibhodi eligcine lingangenanga ehhovisi.
Ukuba khona kwalo mbangiswano kumise ukuthi ophromotha bekwazi ukuqhatha fuze ingabe sezibe khona izimpi ezibe khona kusukela unyaka uqalile.
Okubuhlungu kunakhokonke ukuthi amabhokisa amaningi aziphilisa ngalo mdlalo, uma izimpi zingekho kuba nzima ukuphila.
Sekuyisikhathi sokuthi kuphume isinqumo, kuqhutshekelwe phambili.