Ukukhonya kweDowns sekwayiphendula “umdlalo” iSoweto Derby



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuqinisiwe makuthiwa izolo alisoze lafana nenamhlanje.
Ngiyakhumbula ngisemncane ngifunda isikole kwakuthi uma kuzodlala iSoweto Derby, okusuke kudlala i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs wonke umuntu wayesuke ewubheke ngabomvu lo mdlalo.
Kwakuthi impelasonto ingakafiki kodwa ngaphandle singabalandeli sasisuke sesiwudlalile, siphikisana ngokuzokwenzeka enkundleni kube njeya ya. Kwakuthi uma kuyisikhathi sokudla, singabafana uthole ukuthi sivule isikokelo sikhuluma ngawo lo mdlalo.
NgoLwesihlanu okuwusuku olwandulela usuku olusuke luzodlala yona iSoweto Derby, othisha babefika begqoke imifanoswano yawo la maqembu amabili.
Kuzothi ngoMgqibelo ekuseni ngehora lesithupha noma lesikhombisa, aqale amavuvuzela kweminye imizi kuphephezela amafulegi eleChiefs noma elePirates. Kothi kushaya ihora lesi-3 ntambama wonke umuntu uhlezi endlini uthamele lo mdlalo, kuphunywa ngoba elinye iqembu selithole igoli abalandeli bejabula noma ngekhefu.
NgoMsombuluko iqembu olisekayo uma lihluliwe wawungafisi ukuthi ungene emasangweni esikole ngoba, impela usuke ungeke ukuthole ukuphumula uhlekwe luze luyophela usuku.
Omunye ubaba ongumlandeli weChiefs wayejwayele ukuthatha ithimba lakhe bagibele ibhasi noma beqashe ikhumbi, beye eGoli ukuyobuka yona iSoweto Derby. Yize esadla anhlamvana kodwa lokho akasakwenzi kunalokho usuke ewubuka kwithelevishini.
Impela iSoweto Derby yeminyaka edlule ayisafani neyanamhlanje, kazi kwakhala nyonini.
Ngowami umbono ngibona zimbili izinto ezenze lo mdlalo wehlelwa isithunzi.
Okokuqala ukuthi la maqembu indlela yawo yokudlala ayisafani nakuqala kakhulukazi iChiefs.
Leli qembu likaDkt Kaizer Motaung, belihlonishwa kakhulu ngokuphatha okhilimu babadlali okungabadlali abaqhamuka elokishini.
Ngikhuluma ngoJabu Pule/Mahlangu, Thabo Mooki, Doctor Khumalo, Ace Khuse, Ace Ntsolengoe nabanye abaningi.
Kube sekushintsha lokho leli qembu laqala lathatha abadlali base-Africa abafike bangalenzela lutho leli qembu, abanjengoLazarous Kambole, uLetlhogonolo Mirwa, uMitchell Katsvairo, u-Agay Akumu no-Andriamirado Andrianarimanana nenqwaba ekade iChiefs ithenga umdlali oyedwa ithole omunye mahhala.
Kukhona konke nje nakwiPirates imbala, ijezi beseligqokwa inoma ubani okuyinto ekhalisa abadlali abadala balamaqembu. Ikhona engikholelwa ukuthi kusehlisile isithunzi salo mdlalo obuthandwa kakhulu.
Okwesibili ukukhonya kweqembu lasePitoli iMamelodi Sundowns nakho kube imbangela enkulu ekutheni iSoweto Derby, ingasafani nakuqala. Buka nje iSundowns makuphela isizini izobe iqukula indebe yeligi okwesithupha.
IChiefs sekuphela amasizini angaphezulu kwamahlanu yagcina ukunqoba isicoco into engakaze yenzeka emlandweni, iyona ebiyaziwa ngokuzibuthela nje izindebe. IPirates njengoba inqobe indebe yeMTN 8 ngasekuqaleni kwesizini, nayo ibisineminyaka kade yagcina.
Kusasa ngehora lesi-3 kunokuthi abantu begcwale endlini bethamele lo mdlalo, bazobe begcwele emigwaqeni, ikwezinye izinkundla bezibukelela imidlalo yasemaLokishini bengenandaba nalo mdlalo.
Kuke kwaba khona isikhathi bekwaziwa ukuthi iSoweto Derby, izophela zibambene keqanda nhlangothi zombili.
Izikhulu zalamaqembu engikholelwa ukuthi ziyalazi ibhola azishintshe ukwenza, zingazicabangeli zona azicabangele abalandeli abangawafela la maqembu.