Asizinuke amakhwapha singaboHlanga
Kuwe mfundi ngithi,asiwetshise, asiwabhekisise, asiwacubungule amazwi ngesikwenzayo singaboHlanga, ukuthi asicushwanga yini noma asakhelwanga imigogo ngabase-Europe ukuba singene kuyona njengoba sangena khaxa, sabhajwa.
Sabe sesesaba abelungu ukuguqula izinto zibuyiselwe kwezaziyikona ekuqaleni besahlala bodwa e-Afrika aboHlanga. Salibala ukugxekana, ukuhlekana usulu, sangabona ukuthi mina nawe esihlekayo, siyahlekwa yibo kanye labo ekade sinabo ngenkathi sihleka abanye.
Kuchonyelwana ngokwepolitiki ikakhulukazi osopolitiki boHlanga nezinhlangano namaqembu abo, ngokwatshalwa ngabase-Europe ukuba sithi uma sesifundile ngokwase-Europe, sijanyelwe yimiqondo. Sangangeza ngokwase-Afrika noma ngokwaboHlanga noma sesifunde kangakanani ngobuningi bethu. Sadlala umacashelana wokuzenyeza ngobuthina bokuba sengeze ngempela kabusha ngokuzisungulela.
Ngamazwi kaSir George Grey, owayengumbusi waseKapa manje yiWestern Cape, ayisengezo ngezinkulumo ezaziyimfihlo zabase-Europe ngababezikhuluma ngowoHlanga, okunamanje usabonakala umthelela nomonakalo walezo zinkulumo zakhe uGrey ngokwenzeka kwaboHlanga e-Afrika. Yize sithi singama-Afrika silandela noma sibambe impucuzeko ngezandla.
Amanye amazwi sibhalelwe encwadini iThe Founders: The Origins of the ANC and The Struggle for Democracy in South Africa ngumbhali u-Andre Odendaal. Ngamanye amazwi asesihlokweni sesibili esithi: Africans in a colonial order, ekhasini lama-21, ngezikaSir George Grey, ngenkathi bembuza abamabandla enkolo, abaqoneli base-Europe ngayekukhuluma ukuthi wayeqondeni,
USir George Grey wabaphendula ngokuthi: Asibenze abantu abamnyama (aboHlanga) babe yingxenye yethu, ngokholo nenhloso efanayo (njengoba sifunda siphikisana ngeBhayibheli elifanayo),babe yizisebenzi eziqotho, abathengi bezinto zethu ngamafuphi bafukule umnotho wethu, umthombo wamandla aleliqonelozwe noma ekoloni njengokukaMdali ukuba kwenzeke kanjalo.
Yiqiniso mgempela sithenga kwasani kwamapakistani, siphakamisa iminotho yazo ngokuthenga nokungafanele, nokungenasidingo ukuthengwa, kunokuba nemizwa yokuqamba izinto,uMdali wabenza basinqoba kokuningi abase-Europe ngisho namanje.
Iqhubeka inkulumo ngokuthi: Uma leli qhinga libe yimpumelelo, umqamlajuqu wokuvikela imingcele wobe ungovundile nezwe eligcwele umphakathi, ingxenye yabase-Europe, ingxenye yaboHlanga, bobe sebezinzile abase-Europe kuleli lizwe, sebewazi lowomphakathi kanye nezindlela zawo zezempi.
Ngokwami kusho ukuthi abase-Europe babefuna ukuqonda ngaboHlanga ukuthi babelwa kanjani,babefihle yiphi induku emqubeni,nakwezemimoya ukuze kubelula ukuba basididise kuyona.
Ngempela sihlala nabo abase-Europe njengokuhlela kwabo ngamaqhingasu. Bayasazi abase-Europe ukuthi basiqhatha kanjani,bukani osopolitiki bendlu emnyama ukuthi benzani. Size sibatshele abase-Europe nezimfihlo zasemakithi ,zasemaxhibeni, zasemagcekeni akwethu.
Anabe ngokuthi: AboHlanga siyobe sesibazuzile ngokubagxisha ubuKhrestu, beqeqeshelwe ezolimo yithina ngesinwe (ngokucophelela, ngobuqili), ekubeni nempahla yabo,benezinto ezweni abazenza ngokwemithetho yethu, bebuqonda ubuhle bakho, okuxhomeke (okuncike) kithina ngokwazi izinsizakalo abazizuzile, basihloniphele amandla ethu nobubele,ephetha inkulumo yakhe uSir George Grey.
Kwezolimo basifihlela abelungu indlela yokulima,abavezanga konke uma besifundisa izifundo zokulima nokunye okuningi ngokwasentshonalanga. Ngisho ngoba aboHlanga e-Afrika abakaveleleli kwezolimo ngokwaboHlanga ngokuba sibe ngabapha amanye amazwe aswelayo. Kwezomthetho kuseyindlela yaseNtshonalanga hhayi ngeyaboHlanga phezu kokufunda kwaboHlanga ezomthetho.
Nembala ukhubusi,abantu abalaphaya hhayi emazingeni,basamutusa umlungu owayephethe izwe. Sonke sithi babengcono abelungu babenozwelo ngempela ukwedlula abantu abamnyama esithi ngabakithi. Sithi abamnyama abangosopolitiki bangama-capitalist, anezinhliziyo ezimbi babulala izwe.