Now Reading
Isililo sikaSihlalo weSalga sokusocongwa kosopolitiki
Dark Light

Isililo sikaSihlalo weSalga sokusocongwa kosopolitiki

USihlalo weSouth Africa Local Government Association (Salga) esifundazweni iKwaZulu-Natal, uMnuz Thamisanqa Ntuli, uthe kuyamkhathaza ukubulawa kosopolitiki njengoba kwenzeka nsuku zaphuma kulesi sifundazwe.

UNtuli ubalule lokhu esithangamini sabezindaba ekade sibanjelwe emahhovisi eSalga, eThekwini namuhla ekuseni. 

Ngeledlule kusocongwe ikhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uNdukenhle Shawn Duma wakuWadi 11 eMasokoneni KwaNongoma, othelekelwe amadoda amdubula esuka eMtuba.

Nalapho kwaze kwadutshulwa nezingane zesikole ezabe zizidlulela. 

Kuphinde kwabulwa uMnu uMthokozisi Sithole obeyilungu le-IFP naye owadutshulwa izinkabi eseWeenen. 

“Siwu-Salga iyasikhathaza kakhulu lento yokusocongwa kosopolitiki lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Lokhu sikubona kuzoletha ukwesaba kubantu. Abantu kumele bakuvumele ukuthi intando yeningi yeseka olunye uhlangothi, ngoba lokhu sikubona kungezinye izizathu ezenza kubulawane” kusho uNtuli.

Emasontweni edlule kubulawe uNkk uLucia Nonina Mahlaba oyiNduna yaseCharlestown, eNewcastle, yahlaselwa emzini wayo ngabantu abangaziwa ababehlome bephelele nalapho yasocongwa nabantu abathathu. 

“Siyafisa ukuthi amaphoyisa angagcini ngokubopha labantu ababizwa ngezinkabi, kodwa abophe nalaba abahlela ukubulawa kosopolitiki. Okubuhlungu ukuthi uma kubikwa ngokubulawa kosopolitiki, kuthiwa babulawa ngezibhamu ama-AK47 okuxakayo ukuthi bazithola kanjani ngoba aziphumi noma ikanjani. Amaphoyisa kumele ngempela asebenze kanzima” kubeka uNtuli.

Kwenzeka lokhu nje nonyaka kuzoba khona ukhetho lakazwelonke, okubhekekile ukuthi ukubulalana kusangalindeleka kwazise kuningi okuzobe kubangwa okubalwa nezikhundla emaqenjini. 

See Also

Esikhathini esingesingakanani osopolitiki abadlule emhlabeni komasipala abahlukahlukene bangama-39. 

Kubona bali-19 ababulewe, bali-17 abagulile, babili a azibekele bebe bathathu abashone ngengozi yemoto.

UMnuz uNtuli ugxeke inkulumo kaNkk uSylvia Lucas oyilungu lephalamende ngaphansi kwe-African National Congress (ANC), nothe ukunqamuka kukagesi (Load shedding) akusho ukuphela komhlaba. 

“Lena inkulumo engeyinhle neze ngoba ukunqamuka kukagesi kuze nemiphumela engemihle neze kuyona yonke imiphakathi. Ngikhuluma nje maningi amabhizinisi avaliwe, abantu balahlekelwe imisebenzi. Ngihumusha lenkulumo njengokuthi iwukubhixa usawoti esilondeni impela” usho kanje. 

Scroll To Top