Useyifaka emxhakeni impempe unondweba weminyaka


Uthi esinye sezizathu esenze wafinyelela kulesi sinqumo yingoba ubesehluhlwa kakhulu ukudonseka kwemisipha okuba nomthelela enkundleni.
Luphumele obala ngesinqumo salo sokuthatha umhlalaphansi uqweqwe lukanompempe uVictor Hlungwani.
Emasontweni amabili adlule uHlungwani odabuka eLimpopo umemezele ukuthi usethi khumu ekufutheni indweba.
Exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile, uHlungwani udalule izizathu ezenze wathatha impesheni. Ubese edlalise ebholeni elikhokhelayo iminyaka engama-22.
“Bekunzima ukuthatha isinqumo sokuyeka ukudlalisa kodwa okungapheli kuyahlola. Okwake kwanyuka ngelinye ilanga kufanele kwehle. Impilo ihamba kanjalo. Bengihlushwa kakhulu ukudonseka kwemisipha. Okwesibili okwenze ngayeka wukuthi sengisalelwe isizini eyodwa. Uma usuhlanganise iminyaka engama-47 kusuke sekumele uthathe umhlalaphansi. Njengamanje ngineminyaka engama-46. Bese ngisalelwe isizini eyodwa kanti nemisipha nayo ibingimise kabi. Ngikwenze konke njengonompempe, yingakho ngibone sekuyisikhathi sokuthi ngithi khumu,” kuchaza uHlungwani.
Waqala ukudlalisa ezingeni elikhokhelayo ngowe-1999/2000. Ngemuva kwalokho akazange esabheka emuva. “Bengisengayidlalisa isizini yokugcina kodwa bekumqoka ukuthi ngibhekelele isimo sempilo yami. Akuphelile ngami ebholeni. Ngisazoqhubeka ngibe yingxenye yeSafa. Ngizimisele ngokufaka isandla ekuthuthukiseni onompempe lapha ekhaya nase-Afrika,” kuqhuba uHlungwani.
Njengamanje usebenza kwaRand Water, eGoli lapho behlomisa abantu ngokubaluleka kokuhlanza amanzi.
“Ukudlalisa umdlalo wabakhaya baseSoweto ngenye yezinto eyohlale iseqhulwini ezintweni engizizuzile njengonompempe. Lona ngumdlalo omkhulu e-Afrika. Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngenze kahle kuyona yonke le midlalo. Okwesibili engingasoze ngakukhohlwa wukuvula inkundla yaseGabon ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations ngowezi-2012. Ngadlalisa iGabon ibhekene neBrazil. Kwaba ngumzuzu omkhulu kakhulu kimina ngoba ngangingazi ngisho isiPutukezi nesiFrentshi. Kwangiphoqa ukuthi ngifunde amanye amagama ngalezi zilimi. Ukuxhumana nabadlali kumqoka ngendlela eyisimanga uma usenkundleni.” .
Waqala ukudlalisa ngowe-1991. Wayephethe iqembu lebhola. Ngenxa yokuntuleka konompempe waphoqeleka ukuthi abuye abambe eminye imidlalo yeligi. Kulapho-ke athola khona uthando lokudlalisa. “Phakathi kwezinye izinto engiyohlale ngizikhumbula wukuba yingxenye yethimba lonompempe ababephethe umdlalo weCaf Super Cup ngowezi-2012 lapho kwakudlalisa khona uDaniel Bennett. Ngijabule kakhulu ngokuthi ngikwazile ukufaka isandla ezwenikazi i-Afrika ngamagalelo ami ezokudlalisa. Kimina lezinto ezintathu yizona ezinkulu. Njengoba sengibalile wukudlalisa umdlalo phakathi kweBrazil neGabon, umdlalo wabakhaya baseSoweto neSuper Cup,” kuqhuba uHlungwani.
Yize esebenza eRand Water kodwa uneziqu zobuthishela.
“Ngiqale ukudlalisa ngineminyaka eli-15. Ngabanesibindi ngoba uma uke wabheda wawuthola isibhaxu. Bengenza isiqiniseko sokuthi izinga ngiyalicokamisa ngaso sonke isikhathi. Umzimba wami bengiwunakelela. Yingakho ngidlalise ezingeni elikhokhelayo iminyaka engaphezu kwama-20. Ukudlalisa kwangivulela iminyango eminingi. Ngomholo wami wokuqala ngenza izincwadi zokushayela. Umholo wami wokuqala kwaba i-R120. Ngangenza imali eningi ngokuhambela izifundazwe ezahlukene bese ngihambisa izindleko zokuhamba kuSafa. Ngagcina ngenza izi-R2 800. Ibhola langiphoqa ukuthi ngikwazi ukushayela,” kubeka uHlungwani.
Lolu qweqwe lukanompempe selizoba nguMatch Commissioner.
“Umsebenzi wami bengiwuhlonipha. Yingakho bengikwazi ukubhalansisa imisebenzi yami yombili. Uma kuphoqa ukuba ngisebenze noma ngiseholidini bengisebenza ngoba bengiqonda kahle ukuthi ngizozidinga lezo zinsuku. Inkinga ibike ibekhona uma sidlalisa kwamanye amazwe ase-Afrika ikakhulukazi emazweni afana no-Egypt, i-Algeria noTunisia. Ngelinye ilanga sake sashiywa indiza. Kwaphoqeleka ukuthi sigcine sihlale izinsuku ezingaphezu kwezinhlanu.” kuphetha uHlungwani.