UPanyaza uvukuza amathuba emisebenzi ngoMbutho Wezokuvikela
UMajova unguMhleli wephephandaba i-SCROLLA engabalingani belaboHlanga.
Umbutho Wezokuvikela eNingizimu Afrika usubangule iva uHulumeni waseGauteng oholwa nguNdunankulu uPanyaza Lesufi. Lo mbutho lokhu ukwenze ngokuthi ngokuthi kube yiwo ozoqeqesha uhlaka olusungulelwe ukulwa nobegebengu olubizwa ngokuthi amaPanyaza. Igama elisemthethweni lalolu hlelo yiCrime Prevention Wardens.
Lolu hlaka olunamalungu ayizinkulungwane eziyisi-6, lunemijojantaba nezimoto zohlobo oluphambili kodwa kunezikhalo zokuthi alunamthelela ekwehliseni izinga lobugebengu njengoba amalungu alo avele ajutshwa ezikhungweni zamaphoyisa lapho eqinisekisa khona ubuqiniso bezitifiketi ebe engagunyaziwe ngokomthetho ukufungisa.
Kukhalwa nangokuthi amalungu alolu hlaka awaqeqeshiwe ngendlela, kanti izimoto zakhona ubuphahlaphahla zishayiswa.
Lolu hlaka lusolwa nangokwenza izivimbamgwaqo lube lungaqeqeshiwe ngokuphathwa kwesiphithiphithi sezimoto.
NgokoMthethosesekelo, ezweni lunye uhlaka lwamaphoyisa, ngakho-ke izinhlaka zezifundazwe ezilwa nobugebengu azinalo igunya lokugwamanda amandla nomsebenzi kweSouth African Police Service.
Ukwakhiwa kwalolu hlaka besekususe nodungunyane phakathi kukaNdunankulu uPanyaza kanye noNgqongoshe Wamaphoyisa, uBheki Cele, okhala ngokuthi aMapanyaza ngeke amukelwe ngamaphoyisa ngoba asungulwe ngaphandle kokulandela umthetho futhi akuzange kushicilelwe emqulwini kaHulumeni, igazethi.
UNdunankulu uPanyaza useke wasusa uthuthuva lapho eyalela amalungu alolu hlaka ukuba angananazi ukudubula uma isitha sidubula. Leli vangeli liyafana nalelo elishunyayelwa nguNgqongoshe Wamaphoyisa, uBheki Cele nsuku zaphuma.
Ukulungisa le nkinga uNdunanakulu uPanyaza usethole uMbutho Wezokuvikela ukuthi uqeqeshe amanye amalunga alolu hlaka. Lam alungu ayingxenye yentsha eyizinkulungwane ezingama-32 ezinikwe izincwadi zokuqashwa eGauteng emikhakheni eyahlukene. Lokhu kulolu hlelo lokuqasha intsha eGauteng, okuyisifundazwe, njengezinye ezweni, esihaqwe yinkinga yezinga eliphezulu lokungasebenzi kwentsha.
Isu lokuba namawadeni alisisha. njengoba amadolohakazi afana neTheku neCape Town kudala abanawo. Kepha umehluko mkhulu njengoba la madolobhakazi abesebenzisa lolu hlelo ukulawula isiphithiphithi sezimoto nokulekela abahamba ngezinyawo.
ULesufi uzama ngazo zonke izindlela ukuthi i-ANC idle umhlanganiso ngezinketho ezisezinyangeni ezimbalwa, emva kokuthi ngezinketho zowezi-2021 yahluleka ukuphumelela qekelele Ekurhuleni, eJohannesburg naseTshwane.
Isifundazwe sinesikhathi silokhu sinyomuka ezandleni ze-ANC njengoba ngowezi-2004 yaphumelela ngamaphesenti angama-68.74, ngowezi-2019 yehlela kumaphesenti angama-53.20 ezinkethweni zikazwelonke nezifundazwe.
Ishicilelwe ngokubambisana neScrolla