Now Reading
Uyancomeka umsebenzi womqeqeshi, wabadlali noweligi kuleli ogqame ku-Afcon
Dark Light

Uyancomeka umsebenzi womqeqeshi, wabadlali noweligi kuleli ogqame ku-Afcon

Mhla zingama-28 kuZibandlela umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Henri Broos, wamemezela abadlali abangama-23 abazomela iNingizimu Afrika kowe-Africa Cup of Nations (Afcon).

Isikwati asimemezela uBroos waseBelgium baningi ababesibeka amabala bethi “sibuthaka”, iyovakasha iBafana Bafana ku-Afcon eqhubekayo e-Ivory Coast. 

Kodwa konke lokho kuphelile ngesikhathi iBafana Bafana idlulela kowomkhumulajezi, yamangaza abaningi ihlula izwe elikeliswe phezulu ezwenikazi i-Afrika okuyi-Morocco. Yaphinde yadlulela kumaquarter-final ngemumva kokuhlula iCape Verde, kwaze kwaba ibhajwa kowandulela owamanqamu ihlulwa iNigeria nakhona sekukhahlelwa amaphenathi.

Angiqondile ukubhala ngohambo lweBafana Bafana kodwa ngifisa ukuncoma uBroos, owathi uma efika waba nyamanambana kubantu abaningi bethi ayikho into azoyenzela iqembu lesizwe. 

Ngiyafisa ukuthi iSouth Africa Football Association (Safa) okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli, iphinde imnike ithuba njengoba sizoya emidlalweni yokuhlungela ukuya koweNdebe YoMhlaba elandelayo. Ngiyakholwa ukuthi kuningi okuhle asazokwenzela iqembu lesizwe.

Okwesibili kuyangijabulisa ukuthi kulo mqhudelwano yize ungakapheli kodwa ngithanda  ukuncoma abadlali abagijima kuPremier Soccer League (PSL) eholwa uDkt u-Irvin “Iron Duke” Khoza. 

Abadlali baku-PSL cishe abangaphezulu kwabangama-30 akade bedlala kulo mqhudelwano bazibonakalisile, ekubeni bedlala nabadlali abagijima kumaligi ahlonishwayo emhlabeni lapho ngibala i-English Premier League (EPL), iSpanish La Liga, i-Italy Seria A namanye.

Uma uzobheka kuyona iBafana Bafana sinabadlali abaningi abadlala ku-PSL abazibonakalisile lapho ngibala uTeboho Mokoena engikholwa ukuthi kumfanele ukuthola amadlelo aluhlaza kwazise neminyaka isamvumela. 

See Also

Abanye uRonwen Williams obe ngunozinti wokuqala emlandweni ukubamba amaphenathi amane, uKhuliso Mudau naye engibona iBurnley FC yase-England  ezoqhubeka nokumfuna. 

UStanley Nwabali waseNigeria uvimba kuChippa United usemathubeni okuthi athole umklomelo kanozinti ovelele, njengoba edlale kakhulu ukubeka izwe lakhe kowamanqamu. 

Ngiyifisela okuhle kodwa iBafana Bafana emdlalweni wayo neDR Congo, lapho bezobe bebanga indawo yesithathu. 

IPSL bengifisa ihlehlise imidlalo yayo ukuze abadlali bezothola ukuphumula okwanele.

Scroll To Top