Now Reading
Akukacaci ukuthi ngabaphi abangadla umhlanganiso kubadlali
Dark Light

Akukacaci ukuthi ngabaphi abangadla umhlanganiso kubadlali

Isizini yezi-2021/22 yeDStv Premiership akusasele isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi isongwe. Yize kunjalo kodwa kubukeka kusenzima ukuqagela ukuthi obani okuzothi ngobusuku bokukonyeliswa kwabadlali abenze kahle bakhale bemuke nemikomelo, okubalwa kuyo eyePlayer’s Player of the Season, eyePlayer of the Season neyeYoung Player of the Season.

Kodwa engibona ekaGoalkeeper of the Season ngiyibona iqageleka impela nje, uma kungayena unozinti weCape Town City uHugo Marques  odabuka e-Angola kumele kube uHugo Nyame weRoyal AM yena odabuka eCameroon.

Omunye umuntu uzothi kanjani ngibone laba onozinti ukuthi yibo abangamuka nalo mklomelo uma kuphela isizini. 

Isizathu salokhu ingoba ngibheka ukuthi unozinti mingaki imidlalo ayidlalile, mingaki angashayelwanga kuyona igoli emdlalweni.

Noma kuthiwa iMamelodi Sundowns iyayinqoba iligi kodwa ngeke kwenze uDennis Onyango anqobe lo mklomelo ekubeni eshayelwe amagoli amaningi emidlalweni eminingi ayidlalile. Ingakho kumasizini edlule besibona kunqoba abanye onozinti bamaqembu ekubeni kuyiyo iSundowns ethathe iligi.

UMarques emidlalweni engama-21 ayidlalile eli-10 akangenelwangagoli, uNyame yena emdlalweni engama-22 ayidlalile kweyisi-8 akangenelwangagoli.

UNyame uyena oyimfivilithi yami ekutheni anqobe lo mklomelo, okwenza ngisho njalo ingoba cishe ubambe amaphenathi amane noma ngaphezulu emdlalweni lawo maphenathi ebengenza ukuthi ihlulwe noma idlale ngokulingana iRoyal AM. 

Okunye imidlalo eminingi yeRoyal AM ngiyibukile wenze omkhulu umsebenzi, kweminye imidlalo uqokwe njengomdlali ovelele. Kuyimanje iRoyal AM isakhona kuNedbank Cup, futhi nakanjani uma kuphela isizini izobalwa namaqembu amathathu aphezulu kulogi.

Kusukela ngesizini yangowezi-2010/11 onozinti abaseke banqoba lo mklomelo uPatrick Tignyemb waseCameroon ekuBloemfontein Celtic, ngowezi-2011/12 uWayne Sandilands walapha eNingizimu Afrika esekuMamelodi Sundowns, ngesizini yangowezi-2012/13 neyangowezi-2013/14 kwaba u-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs, 2014/15 uMoeneeb Josephs ekuBidvest Wits, ngeyezi-2015/16 u-Onyango, ngeyezi-2016/17 uDarren Keet wakuleli ekuBidvest Wits, ngeyezi-2017/18 wawuphinda futhi uKhune,  yangowezi-2018/19 neyangowezi-2019/20 wanqotshwa unozinti weSupersport United uRonwen Williams ngesizini edlule unqotshwe u-Onyango.

Okubuhlungu ukuthi asinaye kule sizini unozinti walapha eNingizimu Afrika osembangweni wokunqoba lo mklomelo, lokho kungikbona kuyinto engeyinhle neze. Ngisamile kwelokuthi izinhloli kumele zisebenze kanzima ukubheka onozinti bakuleli abadlala emazingeni aphansi, ukuze kuzophela le nto yokuzichanasela yonozinti bangaphandle.

See Also

AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iStellenbosch, iSupersport United, iBaroka FC, iMarumo Gallants, iChiefs neSwallows iwona maqembu avinjelwa ngonozinti bakuleli manje, lokho kusho kuthi amanye amaqembu ayisi-8 bavinjelwe abangaphadle.

Onozinti namanje engisasho ukuthi iNizingizimu Afrika kumele iziqhenye ngabo ekubakhiqizeni eminyakeni edlule uKhune nomufi uSenzo Meyiwa. Kubuhlungu okukaMeyiwa ngoba wahamba emhlabeni ngesikhathi esegila izimanga.

Ngisho iChiefs imbala iyona edume ngokukhiqiza onozinti kodwa lokho ayisakwenzi kwagcina ukwenzeka lokho kukhona uRainer Dinkelacker owaqeqesha onozinti kuleli qembu. Eminyakeni edlule leli qembu belingamthengi unozinti ubeqhamuka ngaphakathi kulona ezinkuliseni. 

Isixazululo salokhu ngokubona kwami izinhloli azihambele amaligi amancane, ngiyakholelwa ukuthi ilapho okugcwele khona amakhono ayi onozinti kuphela nabadlali baphakathi imbala.

Scroll To Top