Now Reading
Yinde indlela yamaciko ase-Afrika kuGrammy Awards
Dark Light

Yinde indlela yamaciko ase-Afrika kuGrammy Awards

Ukuqhubeka kokuvelela kwamaciko ase-Afrika emncintiswaneni osezingeni lomhlaba iGrammy Award kungenzeka yini ukuthi kube nomthelela ekutheni abagqugquzeli bawo bethule umunxa obizwa nge-African Catergory obheka ngqo abaphuma ezwenikazi i-Afrika. Ukushayelela isipikili iciko laseNingizimu Afrika uTyla ungene emlandweni ekhala emuka nale ndondo yeBest African Music Perfomance ngengoma yakhe ethi, Water. 

Uphinde waba ngowokuqala ukuzibula ngale ndondo. Lona ngumklomelo osezingeni eliphezulu yingakho kungathusanga nokuthi uMengameli uRamaphosa ashayele ucingo leli ciko elibonga ngokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba. Kungokokuqala eminyakeni ngâma-65 yeGrammy Awards ukuqhakambisa abase-Afrika ngendlela esezingeni uma kungebalwe ukunyanyalata okwakwenziwa ngabagqugquzeli kuqala okwakubonakala njengokugcina icala ekuhlonipheni i-Afrika. Ekusungulweni kweGrammy, inhloso kwabe kuwukugxila emculweni wase-USA kusuka kuPop, iR&B, iRap, iCountry, iJazz kuya kuClassical.

Ukudla umhlanganiso kukaTyla odabuka eGoli kuthakaselwe yizwekazi lonke, futhi kuzoqinisa kakhulu umncintiswano emacikweni e-Afrika. Ukunqoba kukaTyla nokwethulwa kwalo munxa kuwubufakazi bokuthi uyadlondlobala umculo wasezwenikazi.

Yinde indlela esihanjwe amaciko ase-Afrika kuGrammy. Ukuqokwa kwamaciko ngaphansi kwale miklomelo kwagcina ngowe-1992, ngesikhathi kwethulwa umunxa obizwa ngeBest World Music Album. Kukuwo lo munxa lapho kubonakale khona kuvumbuka amaciko amasha e-Afrika futhi ngabaphuma kuleli zwekazi abaningi abancintisana kulo munxa. Ngonyaka we-2021 lo munxa washintshwa wethiwa ngeBest Global Music Album. Umcimbi wokuqala weGrammy Awards wabanjwa ngowe-1959 e-USA. Ngalowo nyaka kwakungokokuqala ukuthi inkakha yomculi wakuleli uMiriam Makeba wayekhangisa ngomculo wakhe kuleliya lizwe. Ukuhambela kwakhe kuleliya lizwe kwawufaka umculo wakhe emakethe ngoba wagcina eseqokwa. Ngớwe-1961 waqokwa eminxeni emithathu okungowomculi omusha, umculi wesifazane nowocula ngezilimi zomdabu esebenzisa izinsimbi nesigqi sesintu. Emuva kweminyaka engapheli moya uMakeba wagcina eyinqobile iGrammy ngowe-1966 ngaphansi komunxa womculi wesintu.

See Also

Kusukela ngowe-1964 ali-12 amaGrammy asenqotshwe amaciko ase-Afrika. ILadysmith Black Mambazo yanqoba iGrammy ngowe-1987 iholwa uJoseph Shabalala ongasekho nge-albhamu ethi, Shaka Zulu, eyayididiyelwe umculi uPaul Simon wase-USA. UJohnny Clegg neSavuka, uMiriam Makeba, uHugh Masekela, iSoweto Gospel Choir, uBlack Coffee, iWouter Kellerman noDavis Arkenstone, uZakes Bantwini noNomcebo Zikode. Owokugcina uTyla osematheni kulezi zinsuku.

Scroll To Top