UNtuli nejoka lokulondoloza ifagugu leNgonyama uCetshwayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngosuku lapho iNdlunkulu kaZulu nesizwe sikhumbula iminyaka eli-140 kwaguqa ISILO sasOndini, loyo oyiMenya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo uveze lokho akubize njengejoka lakhe alinikwa yilowo owabe enguNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene.
Ekhuluma nelaboHlanga uthe usuku lwanamuhla (umhla ziyisi-9 kuNhlolanja) lumqoka futhi lunezifundo ezimqoka. “Umlando weNgonyama uCetshwayo umqoka futhi unezifundo ezingi kithi njesizwe nabaholi. Emlandweni weSILO sifunda ubumqoka bobunye kanye nokubhekana nezinkinga ezesabekayo, siphinde sinqobe. Kwaba wubunye nesibindi ngaphansi kobuholi bakhe uZulu anqoba eSandlwana”, kusho uNtuli.
Uqhube wathi njengomholi wesifunda esiqanjwe ngeSILO sasOndini njengegama lakhe uzibona ebe nethamsanqa ekutholeni ithuba lokuthintana nomlando ojulile weSihlalo noZulu. Uphinde wakhuluma ngejoka elabekwa kuye nguMntwana ngalo mlando.
“Kuse sifundeni iKing Cetswayo uthola khona izindawo eziyinqabakutholwa uma kufika emlandweni kaZulu.Empeleni akulona ihaba ukuthi kusesifundeni iKing Cetshwayo lapha iSihlalo SikaZulu esihlonishwa umhlaba wonke namuhla esabunjwa khona. Kukule nhlabathi yaseKing Cetshwayo lapho kwanyathela khona, kwaphila iNkosi uDingiswayo kaJobe waBathethwa. Ikhaya leNkosazane yaseLangeni, iNdlovukazi uNandi weNgunga”.
Uqhube wathi: “Ngisho izintaba zoNgoye zilapha kithi, kululezintaba zakithi lapho kwahlangana khona iNkosazane yaseLangeni neNkosana uMenzi kaNdaba, iNkosi uSenzangakhona. Okwathi ngokuhlangana kwabo kwaphuma uSigidi, iNgonyama uShaka”.
Ube esechaza ngendawo yangakubo nokuxhumana kwayo nomlando weSILO sasOndini namanye amadelamzimba kaZulu.
“Ngingowokudabuka eNkandla. Izintaba zangakithi ezinamagama zimumethe umlando omqoka kaZulu. Okumqoka kimi wukuthi inhlabathi yaseNkandla ilondoloze lukhulu njengoba ngaphansi kwayo kulele amathambo eNgonyama uCetshwayo kaMpande. Kubuye kube seNkandla lapho amadelamzimba eMpi yokugcina kaZulu, iMpi yaMakhanda eyahlelwa yalwa khona ngaphansi koholo lweNkosi endala, uSigananda Shezi. Yaphuma lapha kulesi sifunda ngeSikhala iNgonyama uCetshwayo mhla ilifulathela elawokhokho, iqhutshwa ngabahlaseli, amaNgisi.”
Ijoka elikuye nephupho loMntwana
Ukugcina le milando neminye, uMasipala iKing Cetshwayo wesekwa ngaMakhosi nezizwe unezinhlelo zokugqamisa izindawo zomlando kanjalo naleyo yamaqhawe ayizolo nanamuhla. Lokhu ngokusho kukaMphemba kuwumphoso omqoka nomthwalo awutsweswa nguMntwana.
“UMntwana waKwaPhindangene wakutshala kimi ubumqoka bokugcina lo mlando. Wakubeka kimi ukuba ngesami isikhathi ngikwazi ukulungisa umonakalo owenziwa ngabaqoneli abebhidliza konke lokho okungumlando nefagugu lesizwe.”
Ngokusho kwakhe kube ngalesi sizathu uMasipala waqala, phakathi kokunye, uhlelo lweSikhumbuzo ngeNgonyama uCetshwayo. Ngenkathi wethulwa lo mcimbi wahanjelwa yiSILO esiseSihlalweni, iNdlulamithi yaMakhosi kanye noNdunankulu waso ngaleso sikhathi , uMntwana wakwaPhindangene.
“Umsebenzi omkhulukazi esiwuqala yilowo wokwenza isifunda saminyaka yonke ngeNgonyama uCetshwayo kaMpande olele lapha kithi eNkandla. Lokhu kuyisiqalo sokukhulu okuzayo njengoba sibeke eceleni isamba samarandi esiyizigidi ezintathu (R3 000 000) sokulungisa idlinza leNgonyama uCetshwayo. Kithi lokhu kuwumphoso obalulekile ekuhlonipheni iNgonyama kanye nokuqinisekisa ukuthi umlando wayo nalowo wesizukulwane sayo kawushabalalali,” kusho uMphemba.
Uphethe ngelithi uma yena esekhona esifundeni nasesifundazweni ungeshabalale umlando onothileyo eKing Cetswayo, lingeshabalale iphupho loMntwana.