Izibazi zokusolwa, ezokuboshwa bese likuthetha icala
Isinqumo sikaKhongolose kuzwelonke sokuthi kuhoxe ezikhundleni zobuholi amalungu abhekene namacala ezinkantolo singabukeka siwumzamo wokuxazulula ingqinamba yezingxabano ezinezimpande ezijulile osekunesikhathi eside zehlukanisa phakathi amaqabane avunanayo nangaboni ngasolinye ngaphakathi enhlanganweni.
Kodwa kuyahlaluka ukuthi lolu hambo ngeke lube lula uma sibheka izigameko zalolu hlobo esezike zenzeka kubaholi ikakhulukazi KwaZulu-Natal. Yize engasabalwa kwabaphilayo kepha udaba oluthinta umufi uMnu uMluleki Ndobe, owayeyiMeya yoMkhandlu Omkhulu iHarry Gwala kanye neSekela likaSomlomo kuSishayamthetho saKwaZulu-Natal luyisikhumbuzo kwabanye ekutheni zikhona izikhinsi kulolu hlelo yize mhlawumbe abadwebi balo babeqonde okunye. UNdobe waboshwa ngecala elibucayi lokubulala kwathi khona lapho waphuma. Kuthe kusenjalo wabe eseqokwa eSishayamthetho. Lapha amalungu kaKhongolose ahlukana phakathi, kwakhona abathi isenzo senhlangano sokuqhubeka nokumsebenzisa kasilungile kanti abanye bathi bekungaliphutha ukunqabela umholi onjengaye ukuba angajutshwa yinhlangano ngenxa yento okungaziwa izophela nini noma iyomthola yini enecala.
Omunye ogqigqa izinkantolo, iSekela likaSihlalo kaKhongolose KwaZulu-Natal, uMnu uMike Mabuyakhulu, naye obebhekwe ohlwini lwabaya eSishayamthetho ovele wazihoxela ukuze abhekane namacala asolwa ngawo enkohlakalo. Uphezu kwemizamo yokuba udaba lwakhe luqulwe, luphothulwe ngokushesha yinkantolo ngoba ukubambezeleka kwalo kunomphumela ongemuhle ngekusasa lakhe njengomholi wezepolitiki. Okwamanje akazazi ukuthi uyangena noma uyaphuma yini ekubambeni iqhaza lapho uKhongolose ungahle ufise ukumjuba khona.
UMnu uSibusiso Ndebele owayenguNdunankulu KwaZulu-Natal ngaphambi kokuba zikhwele abe nguNgqongqoshe Wezokuthutha noWezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, wabuyiswa e-Australia eseyiNxusa leNingizimu Afrika.
Ngaleso sikhathi kwabe kufanele azobhekana namacala obekuthiwa ngawenkohlakalo yokugwazelwa ngezigidi ezili-R10 esenguNgqongqoshe Wezokuthutha. Bekuthiwa wemukela intshontsho enkampanini iTasima ebiphethe uhlelo i-Electronic National Administration Traffic Information System (eNatis) ukuze kwelulwe inkontileka yayo yezigidigidi zamarandi.
Lolu daba lushukashukwe lwaze lwafinyelela eNkantolo YoMthethosisekelo enqume ngowezi-2016 ukuthi ukwelulwa kwale nkontileka ngowezi-2010 kwakungekho emthethweni, kodwa yangayiphatha eyokuthi kwakunogcobho mayelana nodaba lwemali okwakuthiwa yakhokhelwa uNdebele.
Wayeboshwe noMnu uGeorge Mahlalela owayenguMqondisi Jikelele eMnyangweni Wezokuthutha, iPhini loMqondisi Jikelele uMnu uGilbert Thwala, isikhulu soMnyango uMnu uTebogo Mputi, usomabhizinisi uMnu uSibusiso Ncube (ongasekho) nenkampani iTasima. Esegqigqe ezinkantolo waze wamfushane uNdebele, amacala ahoxisiwa. NjengoNdobe, naye wayengahlabekile umxhwele ngokuboshwa bese kugcina kuthiwa amacala asephelile.
“Angikaze ngibuzwe lutho. Selokhu ngingena ngiphuma ezinkantolo kusukela ngoZibandlela ngowezi-2015 udaba lwami luhlehliswe izikhawu ezili-14.
“Akuyona into leyo efanele ukwehlela noma ngubani. Uma uzakhela igama usebenzela umphakathi iminyaka engama-40, akukuhle neze,” wacashunwa ebalisa kanje.
UNdebele waqhathanisa okumehlele nokwenzeke kowayenguNgqongqoshe Wezimali uMnu uPravin Gordhan okuhoxiswe kuye ngowezi-2016 amacala omgunyathi abewathweswe noMnu u-Oupa Magashula owayephethe iSouth African Revenue Service (SARS) nowayeyiSekela likaKhomishana walolu phiko uMnu u-Ivan Pillay. Kwakuthiwa babegunyaze ngokungemthetho uPillay ukuba athathe umhlalaphansi singakashayi isikhathi ngowezi-2010.
Yilo muzwa wendumalo nentukuthelo ozwakaliswe nguNdobe owayenezinsolo eziqinile zokuboshelwa amanqina enyathi yizitha zakhe kwezepolitiki khona ngaphakathi ekhaya. Kunomuzwa wokuthi abathile bayaboshwa, bethweswe amacala adonsa undendende bengena bephuma ezinkantolo kungabonakali siphetho. Lokhu kunomphumela wokuba bangakwazi ukugxila kahle emisebenzini yabo njengosopolitiki bese kuvuleka igebe okudingeka balivalelwe ngabanye.
Evela enkantolo uNdobe ezinye izingqwembe zalabo ababeyomeseka bezigagula amagama abanye abaholi, zibabheca ngetulo lokusebenzisa amaphoyisa ukunqinda ukudlondlobala kwalo mholi kwezepolitiki.
Kuqubuka umbuzo wokuthi ukuboshwa nokushushiselwa “into engayi ndawo” ngabe akulona yini iqhinga lezepolitiki lokugudluza abathile abangase babe yingxaki ezinhlosweni zabanye zezepolitiki.
Kodwa uma wawudabukela uNdobe, uNdebele noGordhan ngokubehlele, kukhona indoda eyoyizekela amagwababa echobana eyempilo yayo eme nse, yadlelwa imizi, amabhizinisi amathilomu omtakabani nempahla yayo ilinde inqubekelaphambili emacaleni ayo.
Ngeminyaka yokusungulwa kukaHulumeni omusha wesifundazwe emuva kokhetho olwaletha inkululeko ngowe-1994, uMnu uSipho Shabalala waba ngomunye wezisebenzi ezazihlonishwa kakhulu ngamava okuphatha umnyango obucayi njengowezimali.
Emuva kokuphatha lo Mnyango, ugcine esejutshwe uHulumeni wesifundazwe ukuyotakula ibhange i-Ithala okwase kuphele iminyaka eminingi ligubuzelwe yilo lonke uhlobo lwezinkinga ekuphathweni.
Kukuwo lowo mnyama lapho ngoNcwaba wezi-2010 eshaqwe khona ngamaphoyisa ecaleni elashukumisa isifundazwe sonke ngobuningi nangokuba sezikhundleni eziphezulu kuHulumeni wesifundazwe kwabantu aboshwa nabo.
Kwakubalwa kubo abebekade bengoNgqogqoshe oNkk uPeggy Nkonyeni naye uMabuyakhulu, ngokunjalo nababekade beyizinhloko zoMnyango Wezempilo ngezikhathi ezehlukene.
Icala labo lidume ngelama-Amigos, kususelwa ekuthintekeni kulo kukasomabhizinisi oyinjinga yaseCape Town, uMnu uGaston Savoi, wenkampani Intaka eyayinohlelo lwezigidi ezili-R144 lokudayisela isifundazwe imishini yokuhlanza amanzi ukuze kubhekanwe nezinkinga zesomiso.
Okukhulu okufake uShabalala obishini yizinsolo zokuthi wayemukele intshontsho lesigidi samarandi kulo somabhizinisi elalizodluliselwa kuKhongolose ngoMabuyakhulu owayephethe izimali zale nhlangano KwaZulu-Natal ngaleso sikhathi. Kwaba ngathi ababesingethe amabhuku ezimali ehhovisi le-ANC babengenawo umkhondo walezo zimali.
Sekuwumlando ukuthi amacala agcine ehoxisiwe ezikhulwini zezepolitiki, wasala esitikini uShabalala nabanye abangebona osondonzima ekuphathweni kwezwe.
Noma isinqumo sobuholi besifundazwe ku-ANC sokuthi ababhekene namacala bahoxe emisebenzini yabo kaHulumeni ngesikhathi besahamba amacala sithathwe emasontweni amabili edlule, osekuvele kwenzeke kuShabalala kusidweba ngokucacile isithombe sokuthi kunayiphi imiphumela ukuthweswa amacala angaqulwa aphele, kuqhubeke iminyaka eminingi kangaka inhlangano iziqhelanisile naye ngoba ethinteka emacaleni.
Empeleni ukube akasheshanga ahoxiswa amacala kuMabuyakhulu kuleli loShabalala, ngabe leli lakamuva alimficanga ngoba ngokwesinqumo esisha sikaKhongolose ubengeke abe nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezokuvakasha KwaZulu-Natal abenguye ngesikhathi sodaba lokuhlelwa kwekhonsathi leJazz okuyilo elimfake obishini.
Ngamafuphi, ukunindeka kwegama lomuntu oqavile emacaleni kuyalifiphaza ikusasa lakhe noma ngabe akalahlwe cala. Okuhambisana nalokhu ukusatshalaliswa kwezinsolo zokuthi usopolitiki othile uyaphenywa futhi uzoboshwa noma nini ngamacala ehlukene. Njengoba kwenzeka kowayenguMengameli uJacob Zuma, yize engakaze alahlwe yicala lenkohlakalo, igama lakhe lineminyaka engaphezu kweli-15 liphatheka enkohlakalweni.
Kubukeka okufanayo sekulandela owayeyiMeya yeTheku uNkk uZandile Gumede okuthi kungaboshwa usopolitiki KwaZulu-Natal kulandelwe wukufafazwa kwezinkulumo zokuthi naye uyalandela ngezinsolo ezahlukene ezisukela kokuchazwa ngemikhonyovu nenkohlakalo.
Muva nje njengoba kumatasa ithimba eliyisipesheli elimiswe nguMengameli ukubhekana nokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, igama lakhe alisali. Kuze kwaba nanezinkulumo zokuthi zinhlanu izimeya ezizoboshwa kubalwa naye, phezu kokuba esaphumela obala wathi lezi zinkulumo zifafazwa ngabazama ukumnyundela ngokwepolitiki.
Umbuzo osalayo ngowokuthi ngabe ukunindwa kwabantu ngamacala anhlobonhlobo, bese kuphenywa iminyakanyaka kuyiqhinga elisha yini lokugudluza izimbangi zepolitiki? Osekubehlele bawotha ubovu kufanele.

