Now Reading
Abadlali abangekho enkundleni bagqugquzela ababoshelwe kuBafana
Dark Light

Abadlali abangekho enkundleni bagqugquzela ababoshelwe kuBafana

Iqembu lesizwe iBafana Bafana ngoLwesibili ebusuku liphephezelise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika, ngokuzibekela indawo kumaquarter-final e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ngaphandle kokuthi iBafana Bafana izibekisele indawo kumaquarter-final, kodwa iqiniso ukuthi indlela yayo ibingelula neze kwazise ibibhekene nenkunzi kowe-Last 16 okuyiMorocco. 

IMorroco kuzokhumbuleka ukuthi kuyo iNdebe YoMhlaba eyayiseQatar ngowezi-2022 yaphuma kowandulela owamanqamu, okuyingeyona into encane, yawashiza ijezi iPortugal eyabe iholwa isihlabani somdlali uCristiano “CR7” Ronaldo. 

Ngokwezikeliso iMorocco iqale i-Afcon ikleliswe endaweni yokuqala lapha ezwenikazi i-Africa.

Zimbili izinto engifisa ukuzincoma ngeBafana Bafana kusukela uqalile lo mqhudelwano obanjelwe e-Ivory Coast.

Okokuqala indlela abadlali ababambisana ngayo enkundleni, uPercy Tau washweba iphenathi emdlaweni weBafana Bafana neMali. Yaphinde yayithola futhi kumdlalo olandelayo ibhekene neNamibia wayithatha wayivalela phakathi, ngaphambi kokuba ayishaye abadlali bamukhuthaza baphinde bamjabulela kakhulu eseyishayile. 

Yize kugcwele inqwaba yeMamelodi Sundowns kodwa kukhulu kakhulu ukusekana. 

Okwesibili, yize kunganakekile kodwa khona okumqoka kakhulu laba abawuqondayo unobhutshuzwayo bazokwazi. 

See Also

Umfutho oza nabadlali abasebhentshini, udinga ukushawelwa ihlombe kakhulukazi uVeli Mothwa ongunozinti ungaze ufunge ukuthi uyaqeqesha ngoba umbona ehlezi emile uma kudlalwa. 

IBafana Bafana inabalandeli abancane ngalokho ibhentshi liyadinga ukuba umdlali we-12, ukuze nabadlali bezethembe enkundleni.

Njengoba kusasa idlala iBafana Bafana neCape Verde ngifisa engathi ingaqhubeka nokwenza kahle idlulele phambili kowandulela owamanqamu. 

Scroll To Top