Ibhola laboHlanga lakhiqiza nabaze baya phesheya


UMA siqhubeka nokubheka umlando webhola kwaboHlanga kuyavela ukuthi kunabadlali abagqama besebancane emakilabhini abo esikimini samajuniya. Abanye kulaba badlali baqhubeka baduma sebedlalela amakilabhu asesigabeni esikhokhelayo kuNational Professional Soccer League (NPSL), abanye bawelela phesheya kwezilwandle bayodlala khona.
Kwakuneqembu iBaumannville City Blacks (BC Blacks), liphinde laziwe ngeKwatasi ngonyaka we-1970. Isikhulu salo kwakungubaba kaMshiko owaqhubeka negama laleli qembu lisadlala eMsizini nangesikhathi selishintshe indawo. IKwatasi yaba nabadlali abaduma ebholeni elikhokhelayo beqale bedlala esikimini esincane kudlalelwa eNamba 4.
Umbhali ongusomlando wezemidlalo uPeter Raath uyaqhubeka nokusintongelisa ukuthi ngowezi-2001 wayehambele eNetherlands eyothungatha uDarius ‘Ndaru’ Dhlomo. UDhlomo ubaziwa ukuthi waduma esadlala kujuniya weBaumannville City Blacks, isikhulu kusenguMnu uDube ngonyaka weMpi Yesibili yoMhlaba ngowe-1939 neyaphela ngowe-1945. Wathola nokuthi iBaumannville City Blacks yayiqanjwe ngegama lomlungu waseGermany owayengusomabhizinisi.
UDhlomo wazalwa ngowe-1931, kanti waba ngumdlali owagqama ebholeni lakuleli. Wavelela kakhulu kusadlalelwa kuSomtseu Sports Ground aboHlanga ababethi kuseMsizini eNamba 2. Ngokubukisisa kwami lapha kwakungenzeka ukuthi kwakungunyaka we-1940 esemncane kuya ngonyaka we- 1958.
UDhlomo waya kodlala phesheya lapho aduma khona iqembu lakhe lidlalela iNkomishi iKajee zilishumi kuNcwaba ngowe-1958 e-Athlone Stadium bebizwa ngeSouth African Black XI. Lapha behlula ikilabhu yamaKhaladi ngamabili kwelilodwa.
UDhlomo kuthiwa wayeliciko emculweni, eshaya izigubhu futhi engumpetha wesibhakela. Singasho ukuthi wayengumvelivelayo. Abanye ayedlala nabo ababa ngamavulandlela okuyodlala ibhola phesheya kwakunguDkt uSteve “Kalamazoo” Mokone noHerbert “Shortex” Zuma.
Abadlali abaningi beBaumannville City Blacks yaKwaMashu babebancane kodwa bengenayo indawo esikimini esincane okwadinga ukuthi bakhelwe esabo isikimu.
Kwamenyezelwa umhlangano lapho kwakukhona wonke umuntu wakwa-G kuzobhungwa ngabadlali ababesebancane bengondingasithebeni kodwa bevutha bhe.
Aphakanyiswa amagama ekugcineni kwavunyelwana ngelithi, isikimu esincane sibizwe nge-Union City All Blacks. Abadlali abancane abanjengoNane Nqetho noMshiko baphendlelwa ithuba. Kwabuye kwalandela uJoel Faya owagqama edlalela uSuthu kuNPSL.
Ngake ngabuka uhlelo lwebhola ngezingqalabutho olwaluphethwe uPhumlani Msibi lapho uJoel ‘Fire’ Faya athi ugqozi walunikwa nguRichard ‘Richman Die’ Ngubane owayenguthisha esikoleni uMzuvele.
UFaya uthi kwakuthi ngesikhathi sekhefu oSuthwini uNgubane amthethise athi uzomshaya, embuza ukuthi usehlulwa yini manje. Wathi akadlale njengoba esuke edlalela isikole sakhe uMzuvele lapho wabe esatshwa ngababedlala emuva.
Emva kokuzwa lawo mazwi kaNgubane uthisha wakhe, wangena engaseyena lowaya Faya abanye babalandeli boSuthu ababekade bemchomela ngoba bemkale ngesigubo sakhe esincanyana. Waba nesandla ekunqobeni koSuthu. Kuqala wumdlali owayeyisidlakela owayethathwa ngokuthi ukwazi ukudlala ibhola kangcono.
UPetros “Hanger” Ntuli wathatha uNane ku-Union City All Blacks wamyisa kuBush Bucks. Omunye kwaba nguSipho Zimba unozinti ayemqeqesha noLucky ‘Oshkosh’ Molefe owamfaka ugqozi lwebhola engakadumi kuMamelodi Sundowns.
Kwakuyiyo iBush Bucks yoMlungisi ‘Professor’ Ngubane, uDaniel Ramarutsi, uMike ‘Sporo’ Mangena, uCalvin Peterson isadlalela eGlebelands neyaba yikilabhu yokuqala ukunqoba isicoco seligi iNational Soccer League.
UHanger wathi akaqhubekanga nebhola ngoba wayesethole incwadi eyayimbizela ebuphoyiseni iSouth African Police (SAP) okuwumbutho osubizwa ngeSouth African Police Services.
Wathatha umhlalaphansi emaphoyiseni esesebenza eDurban Central Police Station benoSipho ‘Gawula Qhawe’ Kubheka.
Wayeseyiphoyisa ngokugcwele ngenkathi iBush Bucks izuza isicoco sokuqala seligi ngowe-1985. INational Soccer League yasunguleka emuva kokuqembuka kwamaqembu kuNPSL ekuthiwa yayisibukeka sengathi kwakungekaGeorge Thabe kukhona nokungaphathwa kahle kwezimali zamakilabhu. Sekuwumlando ukuthi baningi ababulawa njengo-Aaron ‘Roadblock’ Makhathini ngonyaka we-1985.