Uhambe ezinyaweni zezihlabani zePirates osekuSundowns
Ulandele ezinyathelweni zezihlabani zakudala ze-Orlando Pirates uThembinkosi Lorch ngesikhathi elaxaza eZimnyama ejoyina iMamelodi Sundowns.
ULorch uthuse abaningi ngosuku lokugcina lokuvalwa kwewindi eshiya iBhakaniya wasayina neSundowns. Intatheli yelaboHlanga isibhekela abanye abadlali abashiya eZimnyama bajoyina iSundowns eminyakeni eyedlule.
Teko Modise:
UModise wahlala kweZimnyama amasizini amane. Waphenduka isihlabani somdlali kumasizini amabili okuqala. Waqokwa njengomdlali ovelele kuPremier Soccer League (PSL) amasizini elandelana. NakuBafana Bafana kwakubatshazwa ikhono lakhe. Yize uModise wayezenzela enqoba imiklomelo ephambili kodwa eZimnyama zazihlale zithola isiliva. Ukungenzi kahle kweqembu kwagcina kufakela uModise ingcindezi. Lokhu kwaholela ekutheni agcine elishiya iqembu wajoyina iSundowns ngowezi-2011.
Gift Leremi:
Ngemuva kweminyaka emihlanu edlala eqenjini elikhulu leZimnyama, uLeremi washiya isigubhukane kuPirates wajoyina iSundowns. Kwamangala wonke umuntu ngalesi sinqumo. ULeremi wayekhulele ezikhungweni zenkulisa kuPirates. Eqenjini elikhulu wafika waphenduka isilomo somdlali. Abalandeli babemuzwa ngaphakathi.
Lebohang Mokoena:
UMokoena uhlale kuPirates iminyaka eyisithupha egijiima eqenjini elikhulu. Naye ubefana noLeremi njengoba ekhulele eqenjini lenkulisa yeZimnyama. Unyuselwe eqenjini elikhulu ngowezi-2003 kwathi ngowezi-2009 wayashiya wajoyina iPirates.
Innocent Mdledle:
Wahlala kweZimnyama iminyaka emihlanu. Wafika kuPirates ngowezi-2005 kwathi ngowezi-2009 wajoyina iMamelodi Sundowns. Leli nxele lase liyenzele eyalo indawo yangakwesokunxele emuva kuPirates.
Oupa Manyisa:
UManyisa wahlala kuPirates iminyaka elishumi. Wayeyisithandwa sabalandeli beZimnyama.
KuPirates ufike ngesikhathi sikaRuud Krol. Ngemuva kwalokho akabange asabheka emuva. Unqobe inqwab yezicoco neZimnyama okubalwa kuzona ezimbili zeligi amasizini elandelana. Ubambe elikhulu iqhaza kuleyo mpumelelo. Ngowezi-2017, uManyisa ushiye kuPirates wajoyina iSundowns.