UBroos udalule imfihlo yokunqoba iMorocco



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.




Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos udalula okuyikho abenze bakwazi ukuhlula iMorocco koweLast 16 izolo kusihlwa.
Elakuleli linqobe ngamagoli amabili eqandeni, kulo mdlalo obubanjelwe eStade de San Pedro. Amagoli avalelwe phakathi u-Evidence Makgopa ngomzuzu wama-57 noTeboho Mokoena ngesikhathi esingezwe unompempe usuyophela umdlalo.
UBroos kuziwe kulo mdlalo enakho ukuzithemba okukhulu, ukuthi bengayiginqa iMorocco ekeliswe kunombolo-1 e-Africa.
“Okube yimfihlo ekutheni sikwazi ukuhlula iMorocco ukuthi sibe nesikhathi eside sibuka indlela edlala ngayo. Ngalokho besazi ukuthi sidingani ukuze sikwazi ukuyihlula. Okunye bekungekhona okokuqala sidlala nayo, sidlalile nayo emdlalweni wokuhlungela ukungena kuyona i-Afcon yakulonyaka. Besazi ukuthi ngeke ishintshe kakhulu kuleli qembu esalihlula nyakenye. Ngeke sakuphika inabadlali abasezingeni, ngalokho besikuqonda ukuthi kumele sisebenze kanzima” kusho uBroos.
Imiphumela yalo mdlalo imangaze abaningi kwazise iMorocco ingelinye izwe eliyizimfivilithi, njengoba ngonyaka wezi-2022 kwiNdebe YoMhlaba eyayise-Qatar yaphuma kowandulela owamanqamu.
UBroos uphinde wabalula ukuthi kwesinye isikhathi ebholeni uyayidinga inhlanhla ukuze unqobe.
“Esiwombeni sesibili inyusile kakhulu iMorocco indlela yokudlala ikhande amathuba yangawasebenzisa. Kunalokho iphinde yathola iphenathi yayishweba. Ngingasho ngithi inhlanhla ibe ngakithi, ingakho sikwazile ukunqoba” kusho uBroos
Lo mqeqeshi waseBelgium uphinde wancoma iqembu lakhe elikwazile ukumelana neMorocco.
Umdlalo olandelayo weBafana Bafana izotholana phezulu neCape Verde kuma-quarterfinal.
Lo mdlalo uzokuba ngoMgqibelo e-Stade UCharles Konan Banny de Yamoussoukro ngehora le-10 kusihlwa.