Now Reading
Inkulumo ngqangi ingazuzisa noma ilahlekisele uKhongolose amavoti
Dark Light

Inkulumo ngqangi ingazuzisa noma ilahlekisele uKhongolose amavoti

Kubantu abevile ezigidini ezinhlanu eNingizimu Afrika abaphila ngezibonelelo zikahulumeni futhi asebelahle ithemba ngokuthi bayoke bayithole imisebenzi ngaphansi kwesimo esikhona somnotho, asebekubhekile inkulumo yaminyaka yonke kaMengameli uCyril Ramaphosa engobume besizwe azoyithula zi-8 kuNhlolanja. Lena akuyona nje inkulumo emqoka kuphela kulaba abathembele kuhulumeni ngezibonelelo, kepha nakuMengameli uqobo ngoba yiyo engacishe icacise ngokwesekwa kukaKhongolose okhethweni. 

Izinselelo ezibhekene nohulumeni neqembu elibusayo kulokhu zizophoqa ukuba uRamaphosa angabi umalumephephetha, futhi angagidi phezu kwezinye izethembiso zikahulumeni ezingafezekile. Kwabaningi inkulumo kaMengameli ingacishe ingehluki kakhulu kuleyo ayethula eMpulamalanga kumgubho kaKhongolose we-112 lapho ayegqamisa khona izinto eziningi esezizuzwe uhulumeni ngaphansi kobuholi bakhe ku-ANC. 

Ilungu eliqavile likaKhongolose uMnu Dkt uZweli Mkhize ekhuluma namalungu eqembu amagatsha aseNdwedwe muva nje uphonsele amalungu inselelo ukuba ayivume induku yokuthi zikhona izinkinga eqenjini, okudingekayo ukuba kubhekanwe nazo. UMengameli uRamaphosa kulokhu angeke akubalekele ukuba mbaxa mbili enkulumweni yakhe engobume besizwe ngoba uzothi uqhakamisa imisebenzi kahulumeni, kulabo abangayizwa indaba kakhongolose nabo kuzoba mqoka ukuba abanike ithemba. Ngaphandle kwemali yezibonelelo, udaba lokunqamuka kukagesi ngolunye olubhekwe kakhulu ukuba akhulume ngalo okubonakala kuqala phansi. Muva nje abantu baseNingizimu Afrika babhekene nenkinga entsha yokunqamuka kwamanzi 

Ngeledlule kube nemibhikisho ezindaweni eziningi eThekwini nasesifundazweni iMpumalanga lapho abantu bethi sekuphele amasonto bephila ngaphandle kwamanzi. Inkulumo kaMengameli izokhuluma kakhulu ngokunqamuka kwamanzi nezinhlelo uhulumeni anazo ukuyilungisa. Ngokwabantu bakuleli uhulumeni usehluleke wancama ukulungisa inkinga kagesi kwala ngisho sekukhona nomnyango obhekene nawo ngqo.

See Also

Izinga lokungasebenzi kwabantu ngenye yezinto engeke yasala ngaphandle. Ubugebengu obudla lubi ezweni ngenye yezinto futhi ebonakala yenza abantu babe manqika ngokunikeza uKhongolose ivoti labo engase ibe ngamanye amaphuzu aseqhulwini enkulumweni engobume besizwe. Kuleli sonto ekhuluma neSABC uMengameli uthe kuningi osekuzuzwe uhulumeni ngaphansi kobuhola bakhe kepha emazingeni aphansi abantu basho okwehlukile.

Ukukhuluma kuhulumeni naseqenjini elibusayo kuthi kumele kudalwe amathuba emisebenzi, abantu bangathembeli esibonelelweni. Ngokusho kukaNgqongqoshe uLindiwe Zulu woMnyango wezokuThuthukiswa Komphakathi, basabheka izindlela abangenza ngazo ukuze baqhubeke nokuholela abantu abadonsa kanzima. Kubantu abahola lesi sibonelelo uma lokhu kuphumelela kuyoba izindaba ezithokozisayo.

Scroll To Top