IMozambique ihamba phambili ngabathubeleza kuleli ngokungemthetho
Muva nje isibalo esikhulu sabantu abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho ngabaqhamuka eMozambique. Phambilini leli lizwe belingelesibili emuva kweZimbabwe ukuba nabantu abaningi abangena kuleli ngaphandle kwezimvume.
Ngokwezibalo zophiko oluqaphe ukungena nokuphuma kwabantu emingceleni yakuleli iBorder Management Authority (BMA), phakathi komhla zi-6 kuZibandlela namhla zili-18 kuMasingana bayizi-6 808 abantu abavinjwa emngceleni welakuleli neMozambique iLebombo uma kuqhathaniswa nabayi 1 891 abavinjwa emngceleni iBeitbridge oxhumanisa leli neZimbabwe. Esikhathini esiwunyaka sekuvinjwe abantu abayi 15 924 bezama ukungena kuleli bezofuna impilo encono.
Kubona kwakukhona nabesifazane abazithwele nezingane. UKhomishana weBMA uMnu uMike Masiapato uthi ngesikhathi bebanjwa bagingqiswa izithupha beyavalelwa ukuthi baphinde babeka umcondo wabo kuleli kuze kuphele iminyaka emihlanu. Eqhuba uthe imininingwane yabo izokwenza ukuthi bakwazi ukuphinde babanqande uma bezama ezinye izindlela zokungena ezweni ngokungemthetho
UMasiapo uveze nokuthi abanye kutholwe ukuthi basohlwini lwabantu abafunwa i-Interpol ngamacala abucayi abawenza emazweni abo okuhlanganisa nawokubulala. Ababalekela amacala emazweni abo bayizi-4 026, kubona kukhona asebeke bafika kuleli benama passport angekho emthethweni, ama visa awumkokotelo namakhadi emigomo angombombayi.
Sebebonke abantu ababuyiselwe emakhaya kuthiwa bangama 27 005 abaqhamuka emazweni ahlukene, kodwa lawa ase-Afrika eseningizimu yiwo ahamba phambili. IBMA ibuye yazwakalisa ukukhathazeka ngezinkampani zamabhasi okuthiwa zishushumbisa abantu zibafaka kuleli ngokungemthetho. “Zikhona izinkampani zamabhasi ezibanjiwe zahlawuliswa ngalo mkhonyovu. Isiyonke imali ezikhokhiswe iyizi-R3.5 million. Umuntu ngamunye kuthiwa ukhokha imali eyi-R15 000 ukungena kuleli.
Yize iBMA iqaphe ngazindlela zonke emingceleni engama-71 exhumanisa elakuleli nezwekazi kodwa kusolwa ukuthi ukuqhubeka kwalo mkhonyovu kudalwa ukuthi nangaphakathi embuthweni wezokuvikela kuleli kunamazambane amaningi abolile.
Engxoxweni leli phephandaba elaba nayo nomunye wesifazane wase-Inhambane eMozambique ngasekupheleni kowezi-2021 waveza ukuthi ematekisisi akuleliya lizwe athutha abantu ebayisa emngceleni iLebombo bakhokhiswa u-R200 ikhanda lomuntu futhi agcwala phama, ahamba ngezinsuku ezithile enyangeni. Ngokusho kwakhe akudingeki passport kodwa uma befika emngceleni amaphoyisa aqaphile amazwe womabili athatha imali kumshayeli bese eyayikazatha bakwazi ukuwelela kuleli.
UNgqongqoshe Wezasekhaya uMnu u-Aaron Motsoaledi nesekela lakhe uMnu uNjabulo Nzuza kubonakala bephela amandla ngemizamo yokulwa nokungena kwabantu ngokungemthetho kuleli. Emizamweni yakamuva uMotsoaledi wachithwa yinkantolo okwaholela ekutheni asebengaphakathi ezweni baqhubeke nokwelulelwa isikhathi.
UNgqongqoshe wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMnu uSihle Zikalala engena esikhundleni into yokuqala kwaba ukuhlola imingcele yakuleli nalapho waphakamisa ukuthi kuqiniswe umthetho nokuphepha ngokuthi kubiywe kabusha lapho bechusha khona.
Kuze kube yimanje azikahlonza izinkontileka ezizokwenza lo msebenzi ngokohlelo lwamathenda ngenxa yombango. Imingcele eseqhulwini lokubiywa nokuqinisa ukuphepha kuyo iLebombo, iBeitbridge, iMaseru Bridge, iKopfontein eBotswana, iFicksburg eLesotho ne-Oshoek exhumanisa elakuleli ne-Eswatini