Now Reading
UNgwenya uthi sebeqhamuke neqhingasu lokuphuthumisa imidlalo 
Dark Light

UNgwenya uthi sebeqhamuke neqhingasu lokuphuthumisa imidlalo 

Kuyinto eyejwayelekile ukuthi uma sekuyisiwombe sesibili abe maningi amacala abakhona kuligi yaKwaZulu-Natal ngaphansi kwe-SAFA ABC Motsepe League. 

Ukuba khona kwamacala okubalwa kuwona ukungapheli kwemidlalo, ngenxa yokuthi kusolakala ukuthengwa konompempe. Kwesinye isikhathi onompempe baqeda umdlalo ungakapheli, ngenxa yokusabela impilo yabo kwazise ngesikhathi umdlalo uqhubeka usuke ethola amagama ayizincongo. 

Kule mpelasonto uyaqala umlenze wesibili kuyo i-SAFA ABC Motsepe League. 

ElaboHlanga likhulume noMengameli we-South Africa Football Association (SAFA) esifundazweni uKwenza Ngwenya okade ephawula ngalento ehlezi ifaka isifundazwe ehlazweni. 

“Njengoba imidlalo ibingadlalwa besinemihlangano sidingida zonke izinto kakhulukazi lezi ezingenza iligi yethu igcine ingapheli ngesikhathi ngenxa yamacala. Uma kukhona icala elikhona sizokwenza isiqiniseko sokuthi liyaqulwa liphele zingakapheli izinsuku ezingama-21. Inhloso yethu ukuthi imidlalo iphele ngosuku olulodwa, ingakho sidlalise le midlalo ekade isele ngoba senzela wonke amaqembu alingane ngemidlalo” kusho uNgwenya. 

Njengoba kuzoqala umlenze wesibili wonke amaqembu kuwona womabili amaqoqo kumele adlale imidlalo eyi-9.

UNgwenya uvumile ukuthi babe namacala amaningi ngesizini edlule agcine ephazamisa ukuphela kweligi ngesikhathi. Kugcine kuthatha nesikhathi eside ukuthi kubonakale iqembu elizomela isifundazwe kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship.

Kule sizini lilodwa icala elisahlalile nakhona isinqumo sakhona sasheshe saphuma. 

See Also

“Ngasekupheleni kukaMbasa sifuna kube ukuthi isiphelile iligi, iqembu elizosimela kweyokuhlunga lithole isikhathi eside lokuthi lizilungiselele. Sesiside isikhathi sagcina ukuba neqembu elinyukela kuMotsepe Foundation Championship. Sizoliseka ngendlela efanele iqembu elizosimela” kubeka uNgwenya. 

Iqembu elagcina ukunyukela kuMotsepe Foundation Championship uThongathi FC ngesizini yangowezi-2016/17. 

UMtimande abakaNgwenya uthe kuzoba nomqhudelwano womkhumulajezi ozodlalwa.

“Emva kwemidlalo emihlanu izoma imidlalo yeligi, bese sibheka ukuthi awekho yini amacala akhona ngesikhathi sisamile sobe sesiqala umqhudelwano womkhumulajezi. Kulo mqhudelwano kubekwe isamba sezinkulungwane ezili-R150, okuhlelwe ngawo ukuwenza wonke. Inhloso ukuqinisa amaqembu ethu kakhulukazi leli elizosimela kweyokuhlunga” kusho uNgwenya.

Scroll To Top