Now Reading
Kushone ingane eFolweni ngogesi “wezinyokanyoka”
Dark Light

Kushone ingane eFolweni ngogesi “wezinyokanyoka”

Ukuqala konyaka kufane nesiqalekiso emndenini wakwaNgwane eNsimbini ngaseFolweni ngokushonelwa ingane yawo eneminyaka emithathu ebanjwe ugesi wezinyokanyoka ikade idlala nezinye ngoMgqibelo ntambama.

Lo mndeni uhlala kule ndawo eyizakhiwo ezihlelekile kwazise ingaphansi kwenkosi yakwaMakhanya eMbumbulu, kodwa muva nje sekunoqhibukhowe bezindlu eziqashisayo. Kusolwa abanikazi bemiqasho ngokuxhuma ugesi wezinyokanyoka ngoba bebalekela izindleko ezikhokhwa kumasipala uma kuxhunywa ngokusemthethweni.

Echaza ngokwenzekile umalume wengane uMnu Nsizwa Ngwane uthe njengokwejwayelekile, izingane bezidlala ebaleni kukhona wonke umuntu egcekeni. “Sezwa nje sekukhona okuqhumayo kungathi isigubhu thize. Kwabe sekumemeza ezinye izingane zithi uMelo usethinte umlilo washa, yilapho ke siphuthume khona sathola ingane idlikidla”. kuchaza uNgwane. 

Eqhuba uthe bacele itekisi ebidlula yaphuthuma ekliniki kwasho ukuthi ugesi usuyilimaze kakhulu ingane kwaba ukuphela kwayo”. Uthi bahlukumezeke kakhulu njengomndeni ngoba umnikazi walezi zindlu ezixhunywe ugesi ngokungemthetho akuyena ngisho umuntu ohlala endaweni ufika uma ezokoleta irenti kuphela. “Ngokwelulekwa abasesigungwini sekhansela sivule icala emaphoyiseni ngoba ukuxhunywa kwalo gesi ngale ndlela akukho emthethweni,” kubalisa yena.

Ukushona kwengane ngalolu hlobo kungesinye sezigameko eziningi zokuphangalala kwezingane kuleli ngenxa yokubanjwa ugesi wezinyokanyoka. Esikhathini esiyiminyaka emibili nengxenye  balingaselwa kuma-250 abantu asebebulewe ugesi oxhunywe ngokungemthetho ezindaweni zomphakathi. kulesi sikhathi sekushone izingane ezi-15 ezingaphansi kweminyaka eyi-6 ngenxa yokushokhwa ugesi. Okwenza abantu balimale kakhulu ngenxa yalo ngesi kuthiwa ukubuya kwawo ngamandla uma ukade unqanyuliwe kwa-Eskom.  Akugcini nje ngabantu, sekunemizi eshayo kulimale nempahla.

Ngonyaka odlule iCity Power eGoli iqale umkhankaso wokuqinisa ukulwa nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

See Also

UMnu u-Isaac Mangena wakwaCity Power wabeka kanje: “Sizowuqinisa umkhankaso wethu wokulwa nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho ezindaweni eziningi ezakhele iGoli ukuze silwe nokucekelwa phansi kwengqalasizinda  nokuphetha ngokufa kwabantu nezingane.” 

UMasipala waseGoli uwodwa kuthiwa ilahlekelwa imali eyizigidi ezi-R2  ngonyaka ngabadla ugesi bhusende. U-Eskom uthe, “Abantu bayaqhubeka nokuzixhumela ugesi naphezu kwezexwayiso yize sibatshela ukuthi njengoba kunokunqamuka kukagesi, uma usubuya uba namandla amakhulu. Ukulimala nokufa kwabantu ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho sekubonakala njengokuhamba phambili ekulimaleni nasekufeni kwabantu kulesi sikhathi.” 

Amaphoyisa athi eThekwini akulula ukulwa nalo mkhuba ngoba cishe usuwande ezindaweni eziningi.

Scroll To Top