Now Reading
Kumangaze abaningi ukuphuma kwe-Algeria kweyamaqoqo
Dark Light

Kumangaze abaningi ukuphuma kwe-Algeria kweyamaqoqo

Kumangaze abaningi ukuphuma kwe-Algeria kweyamaqoqo, kwazise ibingelinye izwe eliyizimfivilithi ekutheni lingayinqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast. 

Ukuqinisekisa ukuthi ngempela iyaliwasha kube izolo ebusuku ngesikhathi ihlulwa iMauritania, ngegoli elilodwa eqandeni emdlalweni obuseStade Bouake. 

Ukuphuma kwalelizwe eliqhamuka enhla nase-Africa, bekulindelekile ukuthi umqeqeshi walo kungenzeka kube ukuthi ubegcina ukuliqeqesha. 

Nebala manje ekuseni sekuvele ukuthi uDjamel Belmadi uvezele abadlali base-Algeria incwadi yokusula njengomqeqeshi. Kodwa uzomemezela kwabezindaba kahle uma esebuyele khona e-Algeria. 

Akugcinanga ngoBelmadi, kodwa kuvela ukuthi nabadlali abayi-8 bayo i-Algeria bamemezele ukuthi ngeke besalimela lelizwe emdlaweni elandelayo. 

Labo badlali kubalwa uRiyad Mahrez obethwele ngeqoma ukuthi uzolilekela lelizwe ngenxa yamava anawo. Abanye uSofiane Feghouli, u-Aïssa Mandi, uRaïs M’Bolhi, uSofiane Feghouli, uNabil Bentaleb, uBaghdad Bounedjah noYoucef Belaïli.

I-Algeria nangowezi-2021, yaphuma esigabeni samaqoqo kowawubanjelwe eCameroon.

See Also

Khona manjalo iGhana ixoshe lowo obewumqeqeshi wayo uChris Hughton emva kokuthi ehluleke ukudlulisela lelizwe kowomkhumulajezi. 

UTom Saintfiet obengumqeqeshi weGambia, usulile njengomqeqeshi emva kokuthi liphume lelizwe. 

Umqeqeshi okunguye ophelelwe umsebenzi kuqala u-Adel Amrouche obeqeqesha iTanzania, waxoshwa emva komdlalo wokuqala ngesikhathi bebhaxabulwa iMorocco ngamathathu eqandeni.

Scroll To Top