Now Reading
Ingene ngembobo yenaliti iCameroon kweyomkhumulajezi
Dark Light

Ingene ngembobo yenaliti iCameroon kweyomkhumulajezi

Yize iyiqale ngebatha imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) iCameroon kodwa lokho akuvimbanga ukuthi idlulele kweyomkhumulajezi.

Emidlalweni yokuqala emibili, ithole iphuzu elilodwa emva kokudlala nokulingana neGuinea. Komunye umdlalo yabhaxabulwa kabuhlungu iSenegal ngamagoli amathathu kwelilodwa. 

Ize emdlalweni wayizolo idinga ukuthi ihlule iGambia, bese imincela ukuthi iSenegal ihlule iGuinea.

Imithandazo yayo iCameroon iphumelele ngoba konke kuvune yona ebusuku banamuhla. 

Ikwaze ukuhlula iGambia ngamagoli amathathu kwamabili. 

Kulo mdlalo obubanjelwe eStade Bouake, iCameroon iyona ebhakuzise kuqala inethi ngomzuzu wama-56 nelivalelwe phakathi uKarl Toko Ekambi. 

IGambia ibuyile yathola elokulinganisa ngowama-72 livalelwa phakathi u-Albie Jallow, kuthe emva kwemizuzwa u-Ebrima Colley wabeka phambili lelizwe. 

Kubukeke engathi kuphelile ngeCameroon, kodwa uJames Gomez waseGambia uvele waligwaza ngakubo nokwenze zabambana ngamabili. 

See Also

Sekubonakala ukuthi lamaphuzu azocazelana amaphuzu, kwazise besekuyikhathi esingezwe unompempe uChristopher Wooh walivalela phakathi eweza iCameroon ngelibanzi. 

ICameroon bekuzoba yihlazo isheshe iwasha ijezi, kwazise ihlezi endaweni yesibili kumazwe asenqobe lo mqhudelwano kaningi. 

Iwunqobe amahlana amahlanu, ngonyaka we-1984, 1988, ngowezi-2000, 2002 nangowezi-2017.

Scroll To Top