Now Reading
Bazosizwa ngendaba isizungu abantu baseTsakane
Dark Light

Bazosizwa ngendaba isizungu abantu baseTsakane

Ikhuza ibuya kule mpelasonto imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC), ekade imile ngenxa yamaholidi kaKhisimusi.

Kulindeleke ukuthi ibe sezingeni eliphezulu le midlalo kwazise ngeledlule abadlali abahlanu abadlala kule ligi, bafike bagila izimanga ngesikhathi bedlalela iqembu leCarling All Stars. 

Labo badlali uJabulani Mokone, uMfundo “Obrigado” Vilakazi, uSiphamandla Zikhali, uMasibonge Ngidi noKagiso Mnguni. 

Ukunconywa kwabo izingwevu ezinjengo-Itumeleng Khune, umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Reveiro, kuzoba isikhuthazi esikhulu kwabanye abadlali ukuthi nabo benze kahle ukuze ngokuzayo bevotelwe. 

URiverio okade eqeqesha iCarling All Stars uthe njengoba ivaliwe imidlalo yeDStv Premiership kuzoba ithuba lokuthi bebuke abadlali beDDC,  wathi uzomlandela kakhulu uMokone owashaya into ecokeme ngeledlule. 

Abathandi bakanobhutshuzwayo baseTsakane, bazozibonela bukhoma ikhono labadlali abadlala kwi-DDC. 

ETsakane Stadium kuzoba nemidlalo emine kule mpelasonto, kweminye kuzobe kushukana amaqembu asembangweni wokuba ngompetha bakule sizini. 

Umdlalo ozovula lelidili  ophakathi kweKaizer Chiefs Reserve neChippa United Reserve, ngehora lokuqala emini. IChiefs emvakwemidlalo eli-12 isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angama-20, kuthi iChippa yona ikwele-10 ngamaphuzu ali-16. 

See Also

Ngehora lesithathu kuzobe sekulandela iSuperSport United Reserve esanda kushiwa umqeqeshi wayo uThabo September ojoyine iqembu elikhulu leChippa United. Amatsatsantsa (iSuperSport United) ehlezi endaweni yesi-9 ngamaphuzu ali-16, izovovana inkani neStellenbosch FC Reserve yona ekweyesithathu ngamaphuzu angama-25. 

NgeSonto kuzovula iTS Galaxy Reserve nePolokwane City Reserve, womabili la maqembu izinto azihambi kahle njengoba esezansi kulogi. ITS Galaxy ihlezi endaweni ye-12 ngamaphuzu ali-15, kanti iPolokwane City ihlezi emsileni ngephuzu elilodwa vo. 

Umdlalo othathwa njengomkhulu ozovala impelasonto ophakathi kwe-Orlando Pirates Reserve neMamelodi Sundowns Reserve. 

La maqembu ahlukwaniswe iphuzu elilodwa iSundowns izihola phambili ngamaphuzu angama-27, kuthi eZimnyama (iPirates) zibe nangama-26. 

Scroll To Top