Now Reading
IZinyoni zisezinhlelweni zokunika unozinti waseNigeria inkontileka entsha.
Dark Light

IZinyoni zisezinhlelweni zokunika unozinti waseNigeria inkontileka entsha.

Lo nozinti ojoyine iZinyoni ngoMasingana wangonyaka odlule ufike wasiza leli qembu lavika izembe.

Aligcinanga nje ngokuvika izembe kuphela kodwa lizibekisele nendawo kuMTN8 kulandela ukuqeda endaweni yesishiyagalombili ku-logi. 

NgoMasingana wezi-2023 u-Daniel Akpeyi wasayina inkontileka yezinyanga ezinhlanu. Yayihambisana nombandela wokuthi yelulwe uma iqembu lisafuna ukumgcina.

Nangempela ngoNhlaba, iSwallows ithathe isinqumo sokuyelula le nkontileka ngeminyaka emibili.

Ngaphambi kokuthi kuqale isizini u-Akepyi ubefunwa uthuli AmaZulu neStellnebosch. 

Ugcine ehlalile kuSwallows.

ElaboHlanga lihoshe ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi u-Akpeyi usenikwe inkontileka entsha.

“U-Akepyi nemenenja yakhe bebenomhlangano neSwallows ngoMsombuluko owedlule. Iqembu lifike lathembisa ukumnyusela ihholo lakhe. Emhlanganweni ukubeke kwacaca u-Akepyi ukuthi ubengahambisani nesiteleka. Iqembu lithathe isinqumo sokumgcina. Ukhishiwe ohlwini lwabadlali abachithwa yiqembu,” kuchaza umthombo ozazi zonke ezeSwallows.

Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp uyiqaphe ngesolokhozi indaba ka-Akpeyi.

See Also

“Imenenja ka-Akpeyi isike yaxhumana noMiddendorp. Lo mqeqeshi udaba ulidlulisele kubaphathi. USean Connor no-Alexi Efstathiou yibona asebesingethe lolu daba. Baxhumene nemenenja ka-Akepyi basibeka isicelo salo. Kubukeka sengathi abavumelani ngoba imali ebekwayiSpurs ayifiki ngisho kule u-Akpeyi ayiholi manje kuSwallows. Kunalokho iyehla kakhulu. Imenenja ka-Akpeyi ibheke nendaba yokuthi kumele athole indawo entsha yokuhlala phezu kwalo mholo omncane. Yingakho kubukeka izogcina isayina inkontileka entsha neSwallows,” kuchaza umthombo.

U-Akpeyi kungenzeka anikwe nebhande likakaputeni uma sekuqala umzuliswano wesibili wemidlalo yeligi.

Kuthintwa uMinenhle Mkhize ophethe izindaba zika-Akpeyi unqabile ukuphawula ngalolu daba.

“Siyaxoxa neSwallows ngodaba lukaDaniel. Uma sesiqede konke iqembu lizokwenza isimemezelo.” kushaya uMkhize ngamafuphi.

Scroll To Top