Abakhalela amanzi bathi basazoqhubeka nemibhikisho



Umphakathi owakhele izindawo zasoThongathi naseVerulam eThekwini uthi usazoqhubeka nemibhikisho yawo uma iziphathimandla zikaMasipala weTheku ziqhubeka nokuzishaya indiva izikhalo zawo ngokunqanyulwa kwamanzi ngaphandle kokwaziswa.
Izolo ekuseni umphakathi wakulezi zindawo uvale imigwaqo ngamathayi avuthayo kulandela ukuphela kwezinsuku ezi-8 ungenawo amanzi, futhi ungaziswa ngokuthi kuqhubekani. Umgwaqo omkhulu uR102 ubuvutha ubuhanguhangu ngamathayi uvalwe nangezingoqo kungahambeki.
Ngeledlule elaboHlanga libike ngokushuba kwesimo kule ndawo kusuka eMount Moria lapho kwase kuphele khona izinsuku ezine amanzi engabonwa, nokuyilapho umphakathi wafunga wagomela ukuthi angeke uphele amandla. Embhikishweni wayizolo oqale ngehora lesihlanu ekuseni, leli phephandaba lifike kule ndawo kusenedlanzana lomphakathi ebeligxoba itoyitoyi nezingqwembe ezinombhalo ogxeka uMasipala weTheku ngokungayikhathaleli impilo yabantu. Okuphawulekile ngalo mbhikisho ukuhlangana kwaboHlanga namaNdiya bonke abebekhala esifanayo ngesihluku abasiziswa umasipala ngamanzi.
UMnu P. Naicker wakuJ G Champion Drive ePhoenix utshele elaboHlanga ukuthi uyeke yonke imisebenzi yasekuseni yasekhaya wazohlanganyela nomphakathi ngoba babhekene nesimo esifanayo. “Awukwazi ukwenza lutho uma ungenawo amanzi, izolo komunye umhlangano kuvunyelwene ngokuthi embhikishweni ezoba khona kungalinyaza impahla kodwa kudluliswe izikhalo ngendlela ehloniphekile. Asazi kuyona nini siphila lempilo ngoba amanzi afike anqamuke izinsuku ezintathu, aphinde abuye kukhona konke lokhu akekho oqhamukayo ophuma emkhandlwini obikela umphakathi ngokuthi kuqhubekani”. kuzokhalela uNaicker osewathatha umhlalaphansi.
Umphakathi uthi usewalahla ithemba ngamaloli athumela amanzi ngoba kuyenzeka kuphele usuku engafikanga kokunye afike kodwa aphelele ezigcemeni ezithile. Ikhansela leDemocratic Alliance ePhoenix uNks uYogis Govender uchaze isimo sokungabibikho kwamanzi kule ndawo kuze kuyoshaya eVerulam nasoThongathi ngenjengempicabadala. Uthe ezindaweni ezishayeke kakhulu kukhona iMadrona Drive okuyizakhiwo ezintsha eziseduze kwesigcinamanzi amanzi abagcine ukuba nawo ngonyaka odlule.
Ukhansela uGovender uthe ezinye izindawo njengeTrenance Park zigcine ukuba namanzi mhla lulunye ekuqaleni konyaka kaba ukunqamuka kwawo. Isakhamuzi sasePhoenix uNks uCynthia Naidoo uthi indaba yamanzi inkinga yansukuzonke lapho behlala khona. Uthi kuyenzeka kuse ekhona kuthi ngesikhathi sekulungiselelwa izingane nabaya emsebenzini bese eyanqamuka aze abuye ngakusasa. “Konkunye kuyenzeka kube izinsuku engekho, uyakholwa nje ukuthi ngoKhisimusi amanzi ayengabonwa, kwadingeka ukuba sisebenzise awemvula esasialondoloza njengoba lalina”. kuzokhalela yena. Umbhikisho wayizolo ulandela eminingi yangaphambilini lapho kusuke kukhalwa esifanayo. Ezinye izindawo ezikhahlamezekile ngokunqamuka kwamanzi eziseduze nePlaza enxanxatheleni yezitolo.

