Ngempela isithunzi sezwekazi kwezemidlalo siyobuya nini?



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngihlezi ngizibuza ukuthi kobe kuyisiphi leso sikhathi sonyaka lapho isithunzi salapha e-Afrika kwezemidlalo esiyobuya khona.
Okwenza ngisho lokho ngoMgqibelo kuqale umqhudelwano esiwuthatha njengomkhulu i-Africa Cup of Nations (Afcon) ebanjelwe e-Ivory Coast.
Yize kunjalo kodwa imidlalo yamaligi aphesheya iyaqhubeka, lokho kufakazela ukuthi ngempela inhlangano ephethe unobhutshuzwayo emhlabeni iFederation International Football Association (Fifa) ayinandaba nathi lapha ezwenikazi.
Ngokujwayelekile makudlala umqhudelwano onjengalona ofaka amazwe kuke kube ukuthi imidlalo yamaligi ayibi khona.
Nonyaka kuzoba ne-Euro edlalwa amazwe ase-Europe, konke kuzoma nse ngoba kuzobe kuhlonishwa lemidlalo. Kuzophinde kube neCopa America, nakuyona kuzoba ngesifanayo.
Unozinti weCameroon u-Andre Onana kuphoqeleke ukuthi aqale avimbe ngempelasonto kwiManchester United yase-England, ngaphambi kokuthi alibhekise e-Ivory Coast.
Ngisho kuthiwa amazwe aphesheya adlala imidlalo yobungani abadlali abanamagama bayahamba beyomela amazwe abo.
Umqeqeshi engimhloniphayo uJurgen Klopp oqeqesha iLiverpool FC ungiphoxile ngendlela akhulume ngayo ethi, ufisa isheshe iwashe ijezi i-Egypt okudlala kuyo uMohamed Salah odlalela yona iLiverpool FC.
Lokho ngikuhumusha ngokuthi uyabona vele ukuthi ayibalulekile i-Afcon, kubaluleke i-English Premier League (EPL). USalah akufihliwe ukuthi ungomunye wabadlali uKlopp athembele kubona, kakhulukazi njengoba iLiverpool FC isembangweni weligi.
ULyle Foster ongumgadli wakuleli iBurnley FC uyaqhubeka uyadlala phesheya kodwa leli qembu lathi lo mdlali akakulungele ukudlala. Fuze ingabe naye use-Ivory Coast, usimele.
ICaf neFifa kumele behlale phansi beludingide loludaba, ngoba mina ngilibona ngokungahlonishwa lapha e-Afrika.