Akufanele abuyele kwasifuba amazwi kaBroos ngeBafana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Udaba okuyilo olusmatheni muva nje ngelo mqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos lokuxolisa njengoba ngeledlule wahlaphaza ibhola elidlalwa amaqembu akuPremier Soccer League (PSL), nakuchaza njengembangela yokuthi iqembu lesizwe lisalele emuva kwamanye amazwe alapha e-Africa.
Ngokwami mina izinto azisho eziningi zazo wayeqinisile, ukuxolisa kwakhe akusho lutho iqiniso lona uselikhulumile. Okubuhlungu ukuthi leli qiniso likhulunywe umuntu okungamele alikhulume, kodwa isibindi sakhe ngiyasibonga uBroos. Izinga likanobhutshzwyo lalapha eNingizimu Afrika lehle kakhulu, uma uzoliqhathanisa naseminyakeni edlule.
Okuwubufakazi balokho sihluleke kathathu ukuzibekela indawo kowe-African Cup of Nations (AFCON) angisayiphathike eyeNdebe YoMhlaba. Abadlali esithi bahamba phambili kuleli bahlulekile ukusimela kumaligi aphesheya kwezilwandle lapho ngibala u- Andile Jali, uKeagan Dolly, uTokelo Rantie, uBongani Zungu, uDarren Keets, uKermit Erasmus, uPercy Tau, uBongani Khumalo, uDylan Claasen, uBernard Parker noTsepo Masilela bonke laba badlali babuya bazogijima lapha kuPremiership ngaphandle kukaTau owaqoma ukuya e-Egypt.
Iningi labadlali labe lisimele kweyomhlaba eyabe ingowe-1998 lifike lenza kahle phesheya lapho ngibala uMark Fish kuBolton Wanderers uLucas Radebe kuLeeds United, uQuinton Fortune ku-Atletico Madrid, uJohn Moshoeu kuFernebache, uHelman Mkhalele kuKayserispor, uLebogang Morula kuVanspor, u-Alfred Phiri kuVanspor, uPhil Masinga kuBari, uBenni McCarthy ku- Ajax, uHans Vonk kuHeeverveen, uDerlon Buckley kuBochum, uBrandon Augustine kuLask noDavid Nyathi kuSt.Gallen.
Isikwati sangonyaka wezi-2000 esasiku-Olympics nesangowezi-2002 iningi labadlali balapho benza kahle phesheya uma ngibala abanye babo khona uFortune esekuMan United, uMcCarthy kuFC Porto, uSteven Pienaar ku-Ajax, uSibusiso Zuma kuCopenhagen noSiyabonga Nomvethe ku-Udinese.
Into okumele yenziwe kuleli ukuthi sinikeze abadlali abathembisayo ithuba labo badlali ngibala uThabo Cele, uSphephelo Sithole, uTeboho Mokoena ibona abadlali abangasibuyisa isithunzi seBafana Bafana.
Ukukhuluma kukaBroos ngezinkulisa uthinte iphuzu elihle, kodwa into engiboa ukuthi isazothatha isikhathi ukuthi ilunge. Engikubona kuyikho isixazululo ukuze iqembu lethu lizokwazi ukuthi liye emqhudewanweni we-AFCON ukuthi asebenzise abadlali abaningi beMamelodi Sundows okuyiyo eyenza kahle manje lapha eNingizimu Afrika.
Lokho kosisiza kakhulu ukuthi sikwazi ukubhekana namanye amazwe, iSpain ngonyaka wezi-2010 yanqoba iNdebe YoMhlaba kuleli ngabadlali ababedlala kuSpanish La Liga, iGermany ngowezi-2014 yaba ngompetha boMhlaba ngabadlali abadlala kuBundesliga.
Mina uBroos ngisamile ekuthenini akushilo kuliqiniso konke izinga lebhola lalapha lehlile akekho ongaboni okumele kwenzeke ukuthi kuqhamuke isixazululo sale nto.
Okunye ukuthi amaqembu alapha kube ukuthi wonke aqashwa abaqeqeshi balapha eNingizimu Afrika ukuze sizokwazi ukubuyisa lendlela esasidlala ngayo kuqala lapha eNingizimu Afrika.