Intaka ibekelwe amazolo kuNdebe Yomhlaba yekhilikithi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyasuka namuhla ngemiidlalo yeNdebe YoMhlaba yekhilikithi yabaneminyaka engaphansi kweli-19, kwi-One Day International (ODI).
Lo mqhudelwano ongaphansi kwe-International Cricket Council (ICC), uzobanjelwa lapha eNingizimu Afrika.
Elakuleli lisingatha lo mqhudelwano nje ngokomthetho bekumele usingathwe iSri Lanka, ngenxa yezizathu ezithize ezithinta uhulumeni walethwa kuleli.
ElaboHlanga lizobheka umlando walo mqhudelwano oba njalo emva kweminyaka emibili, kube amazwe azoba yingxenye nonyaka kanye nezinkundla okuzodlalelwa kuzo.
Unyaka owasungulwa ngawo:
Owe-1988 nowabanjelwa e-Australia, wabe usumiswa waze wabuyiselwa ngowe-1998 nalapho wabanjelwa khona e-England.
Izwe elivikela isicoco:
I-India enqobe INdebe ngowezi-2022 kowabe ubanjelwe khona eNdiya.
Amazwe aseke awunqoba kanye neminyaka awunqoba ngayo:
India: 5 (ngowezi-2000, 2008, 2012, 2018 nangowezi-2022).
Australia: 3 (ngowe-1988, ngowezi-2002 nangowezi-2010).
Pakistan: 2 (ngowezi-2004 nangowezi-2006).
Bangladesh: 1 (ngowezi-2020).
Ningizimu Afrika: 1 (ngowezi-2014).
West Indies: 1 (ngowezi-2016).
England: 1 (ngowe-1998).
Umdlali owashaya ama-runs amaningi kumqhudelwano owodwa:
Dewald Brevis kowangowezi-2022. UBrevis washaya ama-runs ama-506.
Umdlali owashaya ama-runs amaningi emdlalweni owodwa:
UHasitha Boyagoda waseSri-Lanka irekhodi lakhe langowezi-2018, eshaya ama-runs ali-191 emabholeni ali-152 bebhekene neKenya.
Umdlali onama-wicket amaningi:
UWesley Madhere waseZimbabwe usahamba phambili, unama-wicket angama-28. Wadlala iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2016 kuya kowezi-2020.
Umdlali osashaye ama-wicket amaningi kumqhudelwano owodwa:
U-Enamul Haque waseBangladesh irekhodi lakhe alibeka ngowezi-2004 lokushaya ama-wicket angama-22 namanje lisamile.
Amazwe ayingxenye yeNdebe YoMhlaba nonyaka:
- Iqoqo A:India, Bangladesh, Ireland, USA.
- Iqoqo B: England, Ningizimu Afrika, West Indies, Scotland.
- Iqoqo C: Australia, Sri-Lanka, Zimbabwe, Namibia.
- Iqoqo D: Afghanistan, Pakistan, New Zealand, Nepal.
Izinkundla okuzodlalelwa kuzo:
- Mangaung Oval, eBloemfontein.
- Buffalo Park e-East London.
- Kimberley Oval eKimberley.
- JB Marks Oval ePotchefstroom.
- Willowmoore Park eBenoni.