Kubanjwe umoya ngamaProteas emdlalweni ongumnqamulajuqu


Kuphela amaphupho kumaProteas azothola ithuba lokugcina lokuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa ngempelasonto.
Elakuleli lizobhekana neHolland emidlalweni emibili yosuku olulodwa. Adinga ukuyiphumelela yombili imidlalo ukuze azitholele ithikithi elibheke kwelaseNdiya ngoMfumfu.
AmaProteas abhekene nenkulu ingcindezi. UZipho Singela oyintatheli yelaboHlanga ubheka okudingwa ezikaRob Walter ukuze zizitholele ithikithi elibheke kwelaseNdiya ekupheleni konyaka.
INew Zealand, AmaNgisi, i-India engosokhaya, Bangladesh, Pakistan, Australia neAfghanistan bonke bavele sebezibekisele indawo kweyeNdebe yoMhlaba. ISri Lanka, West Indies, Ireland namaProteas yibona asebebanga isikhala esisodwa esisele. Womane la mazwe ngokwezibalo asenalo ithuba. IWest Indies isiqedile ukudlala eyokuhlunga kodwa isibheke imiphumela yamaProteas, Sri Lanka ne-Ireland. Izohlalela ethembeni lokuthi wonke la mazwe adliwe bese igcine indawo yesishiyagalombili. Amaqembu ayisishiyagalombili aqede phezulu yiwona azozibekisela indawo kweyoMhlaba. Amanye azozama inhlanhla emqhudelwaneni wokuhlunga ozoba seZimbabwe ngoNhlangulana. Amaqembu amabili azoqeda phezulu emaqoqweni awo azojoyina lawa ayisishiyagalombili kweyoMhlaba kwelaseNdiya.
INew Zealand ibhekene neqembu lesizwe laseSri Lanka emidlalweni emithathu yochungechunge losuku olulodwa. ISri Lanka ibidinga ukunqoba ngo 3-0 ukuze iziqinisikisele indawo kweyoMhlaba kwelaseNdiya. Lokho bekuzosho ukuthi noma kungathiwa iNingizimu Afrika inqoba ngo 2-0 kuHolland kodwa lokho bekungeke kusasho lutho. Kowokuqala iSri Lanka ilotsholwe ngama-run angu-198 emdlalweni obuse-Eden Park kwelaseNew Zealand. Owesibili uphazanyiswe yimvula. ISri Linka sekumele ibhekise amabombo kwelikaRobert Mugabe ukuyodlala umuqhudelwano wokuhlunga. Noma isinganqoba kowokugcina onamuhla ekuseni kodwa umphumela wakhona awusathi shu.
Njengamanje amaProteas ahlezi endaweni yeshumi ngamaphuzu angama-78. Iwini ihambisana namaphuzu ayishumi. Uma amaProteas eshaya iHolland emdlalweni ozoqala namuhla ngo-1 emini eWillowmoore Park, eBenino nangeSonto ngo-10 ekuseni eWanderers Stadium, eGoli azoqoqa amaphuzu angu-20 okuzowabeka emaphuzwini angu-98 bese egudluza iWest Indies endaweni yesishiyagalombili. IWest Indies inamaphuzu angu-88.