ICape Verde ethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal, emva kokudlala ngokulingana kweGhana ne-Egypt
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ICape Verde isethubeni lokuzibeka kumzuliswano womkhumulajezi we-Africa Cup of Nations (Afcon), kwazise iGhana ne-Egypt badlale ngokulingana namuhla.
IGhana ne-Egypt amazwe anomlando omkhulu, uma kuziwa kulo mqhudelwano izolo kusihlwa lokho kuvelile njengoba umdlalo walamazwe ubushube kangaka.
Uthe uqala umdlalo womabili amazwe abefuna amaphuzu amathathu, kwazise emdlaweni yokuqala awenzanga kahle womabili. IGhana yehlulwe iCape Verde ngegoli elilodwa eqandeni, kwathi i-Egypt yadlala ngokulingana neMozambique nakhona yathola igoli lokulinganisa seliyozilahla konina.
Kumdlalo wayizolo i-Egypt ilinyalelwe isithenjwa sayo uMohamed Salah sesizophela isiwombe sokuqala, kuthe kusenjalo ayiphelanga imizuzu emingaki uMohammed Kudus washaya inguzunga yeshodi yangena phakathi.
Kwayiwa ekhefini iBlack Stars (iGhana) ihamba phambili ngegoli elilodwa eqandeni.
Ibuye ngesiwombe i-Egypt ngegoli lika-Omar Marmoush ngowama-69 kuphele amanenjana iBlack Stars yabuya futhi ngegoli lakhe uKudus.
IBlack Stars isizitshela ukuthi isiwusongile umdlalo ngomzuzu wama-74 uMostafa Mohamed washaya elokulinganisa le-Egypt.
Umdlalo waphela zibambene ngamagoli amabili nhlangothi zombili.
ICape Verde kusasa (ngoLwesihlanu) izotholana phezu neMozambique, ngehora lesine ntambama.
Kuleli qoqo iCape Verde iyona ephezulu ngamaphuzu amathathu, i-Egypt ilandele ngamabili iMozambique kweyesithathu ngelilodwa kuvale iBlack Stars ekugcineni nalo ngelilodwa.