Umlando weBafana Bafana kwi-Afcon
January 16, 2024
nguSabelo Maphumulo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Namuhla ngehora le-10 kusihlwa abantu baseNingizimu Afrika bazobe bethe njo kumdlalo obandakanya iBafana Bafana neMali.
La mazwe azotholana phezulu kumdlalo wamaqoqo e-Africa Cup of Nations (Afcon), emdlaweni ozobanjelwa e-Amadou Gon Coulibaly Stadium.
Yize lo mqhudelwano waqala ukuthi usingathwe ngowe-1957 kodwa iNingizimu Afrika yaze yakwazi ukungena ngonyaka we-1994 kwazise yayingavumekile ukuthi idlale imidlalo yamazwe.
ElaboHlanga libheka umlando weNingizimu Afrika kwi-Afcon kusukela ngonyaka we-1994 kuze kube ilonyaka.
- 1994 – Yahluleka ukungena
- 1996 – Yaba ngomphetha
- 1998 – Yahlulwa kowandulela owamanqamu
- 2000 – Yaqeda endaweni yesithathu
- 2002 – Yaphuma kuma-Quarterfinal
- 2004, 2006, 2008 – Yaphuma kowamaqoqo
- 2010, 2012 – Yahluleka ukungena
- 2015 – Yaphuma kowamaqoqo
- 2017 – Yahluleka ukungena
- 2019 – Yaphuma kuma-Quarterfinal
- 2021 – Yahluleka ukungena
- 2023 – Ikhona kwebanjelwe e-Ivory Coast
Kubadlali abanamagoli amaningi neminyaka abawashaya ngayo:
- Benni McCarthy – (7) 1998
- Shaun Bartlett – 6 1996 (1) 2000 (5)
- Siyabonga Nomvethe – 5 2000 (2) 2002 (1) 2004 (2)
- John Shoes Moshoeu – 4 (1996)
- Mark Williams – 4 (1996)
Abaqeqeshi abaqeqeshe iBafana Bafana kwi-Afcon:
- Cliver Barker – 1994
- Jomo Sono – 1998
- Trott Moloto – 2000
- Shakes Mashaba – 2002
- April Styles Phumo – 2004
- Ted Dimitru – 2006
- Carlos Alberto Parreira – 2008
- Shakes Mashaba – 2015
- Stuart Baxter – 2019
- Hugo Broos – 2023