Now Reading
Sekuyisikhathi sokugadla ngezingane ebholeni
Dark Light

Sekuyisikhathi sokugadla ngezingane ebholeni

Ngeledlule ubuwodwa umdlalo obubhekiwe kunobhutshuzwayo bekungoweStellenbosch FC engompetha beCarling Black Label Cup  neqembu elakhiwe abalandeli ngokuvota elibizwa ngeCarling All Stars. 

Sekungumlando ukuthi lo mdlalo obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium, unqotshwe iCarling All Stars ngamagoli amabili kwelilodwa avalelwe  uMfundo “Obrigado” Vilakazi no-Ashley Du Preez. 

AbakaBlack Label badinga ukushawelwa elikhulu ihlombe, ngokwenza ukuthi kube khona iqembu elizovotelwa abalandeli bese libhekana nompetha beCarling Black Label Cup. 

Yize abanye bethi labaxhasi bebenza inzuzo kwazise uma kuvotwa bayazuza, kodwa mina ngikubheka ngasohlangothini lokunikeza abalandeli amandla okuthi bazibonele abadlali abathandwa ibona beseqenjini elilodwa. 

Akugcini lapho kodwa kuphoqeleke ukuthi eqenjini elizoqala umdlalo kube khona abadlali abancane abahlanu abagijima kwi-DStv Diski Challenge (DDC). 

Bazivezile bonke ukuthi nebala ikhono entsheni yalapha eNingizimu Afrika into esinayo, kulabadlali be-DDC kubalwa uVilakazi, uJabulani Mokone, uMasibonge Ngidi, uKagiso Mnguni noSiphamandla Zikhali. 

Abathathe kakhulu amehlo abantu uVilakazi odle ngebhola lomjiko, washaya negoli omunye uMokone odlala emumva onesibindi esiyisimanga. 

Laba badlali abancane abatholanga nesikhathi eside sokuziqeqesha, kodwa batshengise ukudlala ngokukhululeka. 

Ngikholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi sikholelwe ekudlaliseni izingane. 

See Also

Buka nje iReal Madrid neFC Barcelona banabadlali abaningi abangakafiki ngisho eminyakeni yobudala engama-25. UJude Bellingham weReal Madrid uneminyaka yobudala engama-20 kodwa uyena othathwa njengesithenjwa.

UKylian Mbappe eneminyaka engama-20 wasiza iFrance ukuthi inqobe iNdebe YoMhlaba, ngonyaka wezi-2018. 

Ngisho eqenjini leziswe iBafana Bafana abadlali encane kumele banikezwe ithuba, bekhulele khona. 

Akushintshe ukwenza manje, akuyekwe kulokhu kuyolandwa abadlali abancane bakwamanye amazwe sinabo abakuleli abanekhono. 

Scroll To Top