Amaphutha onompempe abonakala eyibomu akhalisa abaningi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isizini yangonyaka wezi-2019/20 ye-Absa Premiership yaba nezigameko eziningi okubalwa ukuhlwithwa isicoco kweKaizer Chiefs, eyayilokhu ihlezi phezulu, yiMamelodi Sundowns.
Kodwa esinye esagqama kakhulu ngesokuboza konompempe.Ukungenzi kahle konondweba kwaze kwaveza igama elisha elithi; “Benefit”, nokuqonde ukuthi amaqembu athize ayezuza ngenxa yokuboza kwabo njalo onompempe.
Izigameko ezagqama zazifaka kakhulu iChiefs, kuvela ukuthi yenzelelwa onompempe. Imidlalo okwagqama kakhulu onondweba benza amaphutha ingesikhathi iChiefs ibhekene na-AmaZulu FC emdlalweni owawubanjelwe eKing Zwelithi Stadium lapho uSuthu lwashaya amagoli amabili kodwa aphikwa.
Kwathi sekukhonjiswa kamuva kwabonakala ukuthi bekungamagoli asemthethweni. Sekuwumlando ukuthi lowo mdlalo wanqontshwa Amakhosi ngamagoli amabili eqandeni. IChiefs yabhekana nomkhaya bayo i-Orlando Pirates kowe-Absa Premiership, uBernard Parker weChiefs waginqika ebhokisini unompempe wathi iphenathi uDaniel Cardoso wayivalela phakathi yanqoba ngamagoli amathathu kwamabili. Kuthe sekuvela kwabonakala ukuthi uParker waziwisa.
IPirates nayo izuzile ngokuboza konompempe. Emdlalweni eyayibhekene kuwo neHighlands Park yashaya igoli okwakubona ngisho ingane encane ukuthi kwase kunomdlali owayesendaweni engafanele (offside) kodwa labalwa lelo goli elavalelwa phakathi uTshegofatso Mabaso.
Ukushaya into ephansi konompempe kwaze kwenza abaningi babo baphimisa igama lokuthi bafisa kube khona iVideo Assistant Referee (VAR). IVAR ibizosiza ekutheni uma kukhona isinqumo okubonakala sengathi akusona umiswe umdlalo bese kubhekwa leso sigameko esenzekile.
Kule sizini yale ligi esibizwa ngokuthi iDStv Premiership, sekuphele isigaba sokuqala njengoba amaqembu amaningi asedlale imidlalo eli-15.
Kuphela isigaba sokuqala nje okugqamile izikhalo ngalo mkhuba wonompempe.
Iqiniso ukuthi yize onondweba bengabantu, okusho ukuthi bayawenza amaphutha, kodwa lokhu abakwenzayo kungaphezulu kwamaphutha.
Akekho ongaboni ukuthi bashaya udaka futhi benza amaphutha ashiya abantu bebambe ongezansi.
Ngikhuluma nje kukhona nasebaze bamiswa ngenxa yawo amaphutha ashiya abathandi bakanobhutshuzwayo bemangele.
Indaba yonompempe seyikhulunywe kakhulu futhi baningi abanemibono mayelana nalolu daba.
Ngingomunye wabantu abayishaya indiva indaba eyeVAR kodwa kwezinye izikhathi ngibuye ngifise sengathi iba khona ezinkundleni zakuleli.
Ngikholelwa ukuthi unobhutshuzwayo umdlalo “wamaqili”, ingakho IVAR ngihlezi ngiyihlaba ngiyihlikiza.
Kodwa-ke noma kuthiwa siyathanda kangakanani ukuthi kube khona iVAR kuDStv Premiership impendulo etholakala ngokushesha eyokuthi imba eqolo. Lapho uvele uzibonele nje ukuthi leyo yinto engasoze yafinyelela eNingizimu Afrika sisadla anhlavana. Umbuzo omkhulu owokuthi kwenziwa njani uma kunje?
Isigameko nje esezenzekile kule sizini esibandakanya umdlalo weSundowns neBloemfontein Celtic. USera Motebang washaya igoli unompempe nomsizi wakhe banquma ukuthi bathi i-offside. Umbuzo engazibuza wona ukuthi iphutha elinjani leliya, ungasho kanjani ukuthi umuntu usendaweni engafanele kodwa kukhona isitobha esiqhele ngamamitha kuyena?
Komunye umdlalo iChiefs ibhekene nePirates, uNjabulo Blom wabamba uVincent Pule ebhokisini unompempe wathi umdlalo omuhle mawuqhubeke. Okubi ukuthi yena lo nondweba wayeyinikile iChiefs iphenathi kodwa umgadli wayo uSamir Nurkovic wayishweba.
Komunye umdlalo ilapho iPirates idlale ngokulingana neSwallows FC, uFortune Makaringe washaywa ebhokisini kodwa unompempe wathi akuyona iphenathi kunalokho wanika lo mdlali ikhadi eliphuzu. Unompempe owayedlalisa lowo mdlalo uJelly Chavani.
NgoMsombuluko odlule iPirates ibhekene neLamontville Golden Arrows, uPule Mmodi (we-Arrows) washaya igoli okwakumele lingavunywa. Lelo goli langena kukhona amabhola amabili enkundleni nokuyinto engavumelekile ebholeni.
Umqeqeshi weSundowns uManqoba Mnqithi wathi ekhuluma emva komdlalo wezakhe neSwallows wathi isiqalile ukuhlomula (benefit) iSwallows.
Kulowo mdlalo iSwallows yashaya igoli lokulinganisa ngomzuzu wokugcina elavalelwa phakathi uMusa Nyatama nalo okwabonakala ukuthi liyi-offside.
Okubuhlungu kakhulu ngezinqumo ezithathwa ngonompempe bakuleli enkundleni ukuthi azibuyeli emuva. Yebo bayamiswa kuphinde kuhoxiswe namakhadi kodwa umphumela womdlalo awushintshi. Inkinga enkulu ukuthi lesi yisifo esidala kakhulu futhi sekuyahlaluka ukuthi ngeke siphinde selapheke.