Liyasuka liyahlala kweye-Afcon e-Ivory Coast
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekubalwa amahora ngaphambi kokuthi lisuke lihlale e-Ivory Coast emidlalweni ye-African Cup of Nations (Afcon) engaphansi kwe-Confederation of African Football (Caf). Njengoba iqala kusasa izosongwa mhla zili-11 kuNhlolanja.
ElaboHlanga lizobheka izinto ezimqoka ngalo mqhudelwano obekumele ube nyakenye, ezintweni ezibhekwayo kubalwa umlando, amazwe ayingxenye yawo, izinkundla kanye nabadlali ababhekiwe ukuthi bengase begqame.
Unyaka eyasungulwa ngayo
I-Afcon yasungulwa ngonyaka we-1957, yabe ibanjelwe eSudan. Uqalwa wadlalwa amazwe amathathu, okwabe kuyiSudan, i-Ethopia ne-Egypt okuyiyo eyaqala ukuba ngompetha balo mqhudelwano. Manje aseba ngama-24 amazwe aba yingxenye ye-Afcon.
Amazwe aseyinqobe kakhulu
I-Egypt isazihola phambili kumazwe asenqobe kaningi lo mqhudelwano, isiwunqobe amahlandla ayi-7. Ngonyaka we-1957, 1959, 1986, 1998, ngowezi-2006, 2008 nangowezi-2010.
Amanye amazwe alandela ngemumva iCameroon (5), iGhana (4) neNigeria (3).
Izwe okuyilo elivikela isicoco:
Kowokugcina kowabe useCameroon ngonyaka wezi-2021 kwaba iSenegal, nokwabe kungokokuqala iqukula iNdebe ye-Afcon.
Izinkundla okuzodlalelwa kuzona:
Olympic Stadium of Ebimpe emumatha abantu abayizinkulungwane ezingama-60.
Felix Houphouet-Boigny Stadium (29 000).
Peace Stadium (40 000).
Stadium of Korhoqo (20 000).
Laurent Pokou Stadium (20 000).
Charles Konan Banny Stadium (20 000).
Amazwe ayingxenye ye-Afcon yakulonyaka ngamaqoqo:
Iqoqo A: Ivory Coast, iNigeria, i-Equatorial Guine neGuinea-Bissau.
Iqoqo B: I-Egypt,iGhana, iCape Verde neMozambique.
Iqoqo C: iSenegal, iCameroon, iGuinea neGambia.
Iqoqo D: I-Algeria, iBurkina Faso, iMauritania ne-Angola
Iqoqo E: ITunisia, iMali, iNingizimu Afrika neNamibia
Iqoqo F: IMorocco, iDR Congo, iZambia neTanzania
Onompempe
Ghorbal Mustapha noGamouh Youcef (Algeria), uDjindo Louis Houngnandande (Benin), uNdabihawenimana Pacifique (Burundi), u-Alhadji Allaou Mahamat (Chad), uTraoré Ibrahim Kalilou (Cote D’Ivoire), uNdala Ngambo Jean-Jacques (DR Congo)
Amin Mohamed Omar, uMohamed Maarouf no-Eid Mansour noMohamed Adel Elsaid Hussien (base-Egypt), uWeyesa Bamlak Tessema (Ethiopia), u-Atcho Pierre Ghislain
Mebiame Patrice Tanguy (Gabon), uKamaku uPeter Waweru (Kenya), u-Ibrahim Mutaz A. Ibrahim (Libya), uTraore Boubou (Mali)
Beida Dahane noBouh Abdel Aziz (Mauritania)
UGuezzaz Samir, uJayed Jalal
noKarboubi Bouchra (Morocco)
Uwikunda Samuel, uSy Issa (Senegal)
U-Omar Abdulkadir Artan (Somalia)
U-Abongile Tom (South Africa) noMahmood Ali Mahmood Ismail (Sudan).
Abadlali ababhekiwe :
Sadio Mane (Senegal), uVictor Aboubakar (Cameroon), uSehrou Guirassy (Guniea), uSebastien Haller (Ivory Coast), uMohamed Amoura (Algeria), uVictor Osimhen (Nigeria), uMohamed Kudus (Ghana), uMohamed Salah (Egypt), uPeter Shalulile (Namibia) noPercy Tau (Ningizimu Africa).