Now Reading
Inkanankana ngamaqembu ebhola adingiswa yiFifa
Dark Light

Inkanankana ngamaqembu ebhola adingiswa yiFifa

Ukudingiswa yinhlangano ephethe ibhola emhlabeni iFootball International Federation of Association (Fifa) akuyona yinto amaqembu agijima kuPremier Soccer League (PSL) okumele ayithathe kancane ngoba igcina inemthelela emibi enkundleni.

Izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs neSwallows zingenile ngaphansi kwalolu gibe futhi akuzange kuphethe kamnandi kuwona womabili amaqembu. Kunalokho agcine edonsa ngodizili.

Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela isibhekela izizathu eziholela ekutheni amaqembu agcina edingiswa yiFifa, imithelela yokudingiswa nokuthi ingagwemeka kanjani indaba yokudingiswa yinhlangano ephethe ibhola emhlabeni.

Okuqhatha amaqembu neFifa?

IFifa ihlale yenza isiqiniseko sokuthi amalungelo abadlali ayavikelwa ngaso sonke isikhathi. Yingakho yenza isiqiniseko sokuthi idedela isibhaxu emaqenjini ahlukumeza amalungelo abadlali.

Ngokukasomqulu 14 weFifa ngaphansi kwesihloko esithi (Status and Transfer of Players) uma iqembu lihluleka wukukhokhela umdlali imali okusuke kuvunyelwene ngayo ngesikhathi kusayinwa inkontileka, umdlali unelungelo lokudlulisela udaba lwakhe ngokubhalela iFifa. Uma isiyitholile incwadi esuke ihamba nayo yonke imininingwane egcwele ngokuhlukumezeka komdlali iyaye isihlala phansi nethimba labammeli ihlaziye ukuthi ngabe kukhona yini lapho iqembu lishaye khona eceleni.

Uma ithola iqembu lisephutheni, iyalibhalela incwadi iliyalela ukuthi likhokhele umdlali okungokwakhe zingakapheli izinyanga ezingama-45 kungenjalo uma lihluleka lelo qembu lisuke lilengela engozini yokudingiswa ukuthi lingavunyelwa ukusayinisa abadlali amawindi amathathu elandelana.

Okwesibili iFifa ihlale ilwela ukuthi kubenobulungiswa uma amaqembu edayiselana abadlali. Lapha kubalwa imali okumele kudayiselwane ngayo. Uma kukhona iqembu elingabenzanga ubulungiswa lelo qembu lisuke lisenkingeni yokuziqhatha nolaka lweFifa.

Ngabe amaqembu athinteka kanjani uma edingisiwe?

Iningi lamaqembu asuke ethole isibhaxu seFifa ngokuhluleka wukulandela imigudu efanele avamise ukuthwala kanzima enkundleni. Ayahluleka wukulwela izicoco aphinde alwele izembe.

Okwesithathu abaqeqeshi balahlekelwa yimisebenzi ngoba abakwazi ukuqinisa izikwati zabo ngohlobo lwabadlali abavuna izitayela zabo zokudlala. Amakhosi abedonsa kanzima ngaphansi kobuholi bukaGavin Hunt. Aze angena kuTop Eight ngosuku lokugcina kuDStv Premiership kumasizini amabili adlule.

UHunt ugcine elahlekelwa ngumsebenzi wakhe ngoba ephikwa yimiphumela emidlalweni yasekhaya. Uphuthwe yithuba lokusayinisa abadlali abanohlonze ngesikhathi iBidvest Wits idayisa iqembu. ISwallows isanda kuqeda isigwebo sayo idonsa kanzima emidlalweni yeligi. Ihlezi endaweni yesibili uma usuka ekugcineni. Isivele isihlukane nomqeqeshi uDylan Kerr. Njengamanje izintambo sezibanjwe ngu-Ernst Middendorp ozama ukuyisindisa ezembeni.

KuMotsepe Foundation Championship kuxoxwa udaba olufanayo kuTTM nayo esanda kudingiswa yiFifa amawindi amathathu ingasayini abadlali. Ivika izembe. NakuNedbank Cup iphume ekuseni.

Yimaphi amaqembu aseke adingiswa futhi kwakwenzenjani?

IKaizer Chiefs:

Ngowezi-2020, iChiefs yadingiswa ekusayineni abadlali ngemuva kokutholakala necala ngendlela eyasayina ngayo u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana waseMadagascar.

IChiefs yala yaphetha wukukhokhela iFosa Juniors eyayidlalelwa nguDax ngoba izeseka ngokuthi inkontileka yomdlali yayisesemaphethelweni neqembu.

IFosa yadlulisa udaba kuFifa. Ngemuva kocwaningo, iFifa yathola ukuthi uDax ubesanenkontileka naleli qembu. Yathola iChiefs inecala yaphinde yayalela ukuthi ikhokhe isamba sezinkulungwane ezingama-R650 000. IChiefs yadlulisa udaba kuCourt of Arbitration for Sports (CAS) kodwa nakhona yafika yakhala ngaphansi. Yadingiswa amawindi amathathu.

See Also

ISwallows FC:

Ngonyaka odlule iSwallows idingiswe amasizini amabili ingasayinisi abadlali ngemuva kokutholakala necala lokuhluleka wukugcina izivumelwano zokukhokhela u-Obren Curkovic noVladimir Mandic. IZinyoni zizamile ukudlulisela udaba kuCas kodwa zakhala ngaphansi. Ziqale isizini zingavunyelwe ukusayinisa abadlali. Ngeledlule iSwallows isikhokhile isamba sezigidi ezinhlanu (R5 million) okuholele ekutheni isigwebo sinqanyulwe yakwazi ukusayinisa abadlali abasha okubalwa kubona uDaniel Akpeyi.

ITTM:

Muva nje iTTM isanda kuvalwa yiFifa ekutheni isayinise abadlali abasha. Itholakale inecala lokuhluleka wukukhokhela u-Edmore Sibande izimfanelo zakhe. Banikezwe izinsuku ezingama-45 ukuthi bakhokhele uSibanda imali eyizinkulungwane ezingama-R600 000 ukuze baphume kulolu gibe. Izinsuku ezingama-45 zidlulile iTTM yehluleka wukukhokha lesamba. IFifa igcine iyidingisa amawindi amathathu.

IChippa United:

Ngonyaka odlule iChippa ike yamiswa ekutheni isayinise abadlali kulandela ukuhluleka wukukhokha isikweletu sezinkulungwane ezingama-R200 000 ebisikweleta umdlali waseNigeria, u-Augustine Kwem. Uphondo lugcine lugobile kuChilli Boys yasikhokha lesi sikweletu okuholele ekutheni iFifa isihoxise isigwebo sayo.

IBloemfontein Celtic:

Ngowe-2021, iCeltic itholakale inecala lokunqamula inkontileka kaPatrick Tignyemb ngokungekho emthethweni. Inkontileka yakhe yayisalelwe amasizini amabili. IFifa yathola iCeltic inecala ngemuva kwalokho yayimisa ekutheni ingasayinisi abadlali amawindi amabili elandelana. ICeltic igcine ithengwa yiRoyal AM egcine ikwazile ukukhokha lesi sikweletu ngemuva kwalokho sahoxiswa isigwebo.

Scroll To Top