Now Reading
Ukwethulwa kohlaka olusha kuzovimba ukuqhoqhobalana odabeni lwamanzi 
Dark Light

Ukwethulwa kohlaka olusha kuzovimba ukuqhoqhobalana odabeni lwamanzi 

Imilomo iyavunana ukuthi amanzi ayingqikithi yempilo. Ngaphandle kwawo izimboni ngeke zisebenze, abantu ngeke baphile, izinqola ezinjengezimoto namaloli ngeke kusebenze. Yingakho nje emlandweni kunezimpi ezasuswa ukungaboni ngasolinye mayelana nobunini noma ukusetshenziswa kwamanzi. Kumanje nje kulanyulwa ingxabano enkulu efaka i-Egypt, iSudan, i-Ethiopia, iKenya, i-Uganda, iRwanda, iBurundi, neTanzania okungamazwe abanga ubunini namalungelo okusebenzisa umfulakazi iNile.

NakwelikaMthaniya udaba lwamanzi selube umthombo wokuzwana kwemiphakathi eyahlukene. Esifundeni saseMkhanyakude amanzi sekunesikhathi eside elibhola lomnqakiswano wezepolitiki ngenxa yokwesweleka kwawo yize kunedamu elikhulu iJozini. Ngenxa yomlando wezwe, ukufinyelela emanzini kuleyandawo kunesikhathi eside kulawulwa abamhlophe.

Izikhalo eziningi zaboHLanga abangalimi abancane nabakhulu, kanye nemiphakathi kuphoqelele uMnyango Wezamanzi Nokuphathwa Kwendle, ukungenelela ukwenza izinguquko kwizinhlaka ezilawula ukusetshenziswa kwamanzi. Kugcine ngokuthi kwethulwe uhlaka olusha iLower Pongolo Makhathini Water Users Association. USihlalo omusha nguSifiso Mnguni oqhamuka ohlangothini lwabalimi. UMnguni unomoba kumahhakela angama-60 eJozini lapho kukhona iMakhathini Flats. Kulendawo nje yodwa kunabalimi bomoba abayinkulungwane eyi-1.7 abazohlomula ngokwakhiwa kwaloluhlaka nokulungiswa kweMakhathini Canal. 

UMnguni uthe: “Abalimi nabanye abasebenzisa amanzi koMasipala iZululand neMkhanyakude bakujabulele kakhulu ukuthi sebenezwi ekutheni amanzi abiwa kanjani. UKuba khona kwe Water Users Association kuzosiza kakhulu njengoba abantu abangenazimvume zamanzi bebewasebenzisa bengawakhokheli. Kanti namanye amabhizinisi afana nawezokuvakasha azosizakala. Nabantu bazogqugquzeleka ukuthi bangangcolisi amanzi”.

Kungumsebenzi walososesheni ukuqinisekisa ukuthi abadinga amanzi emakhaya kanye nabalimi, izimboni ezikhiqizayo nabezokuvakasha bathola amanzi ngokwezidingo zabo, kungabikhona ukuqhoqhobalana.

See Also

Lososesheni omusha uhlalelwe nawumsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ngokusebenzisana noMnyango Wezamanzi kuvuselelwa iMakhathini Irrigation Scheme. Loluhlelo lwenkasa lubandakanya umsele osusa amanzi edamini iJozini uwase kumaphampu amane, wona awadudulela kuzizinda zenkasa ezahlukene. Lokhu kwakhiwa njengengxenye yeMakhathini Development Masterplan ezindaweni ezabuyiselwa imiphakathi engaphansi kweNtenga Trust neSilwane Trust.

Kwakuphethwe yinkampani iMjindi Pty Ltd ekungeyoMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, eseyafakwa ngaphansi kwe Agribusiness Development Agency nayo ekungeyoMnyango ofanayo. 

Scroll To Top