Now Reading
UNdidi uphunyukwe yithuba lokudlala kwi-Afcon
Dark Light

UNdidi uphunyukwe yithuba lokudlala kwi-Afcon

Kuvela izindaba ezingezinhle ekhempini yeNigeria, ngengoba omunye wabadlali bayo engeke esaba yingxenye ye-African Cup of Nations (Afcon).

Lowo mdlali uWilfred Ndidi oyibamba esiswini kuthule umoya, okuyimbangela yokuthi lo mdlali aphuthwe i-Afcon ingoba ulimale kade iqembu adlala kulo lase-England iLeicester City idlala neCardiff City ngoLwesihlanu olwedlule. 

Indawo kaNdidi iNigeria imemezele ukuthi izothathwa u-Alhassan Yusuf ongowokuzalwa eBelgium. 

Uzakwabo kaNdidi adlala naye kwiLeicester City uKelechi Iheanacho naye kuvela ukuthi ulimele kodwa  usekhona ekhempini yeNigeria ebanjelwe e-Abu Dhabi. 

U-Iheanacho akayidlalanga imidlalo emibili yeLeicester City ehlezi phezulu kulogi yeChampionship. 

INigeria kwi-Afcon iseqoqweni A lapho inosokhaya i-Ivory Coast, iGuinea Bissau ne-Equatorial Guinea abazovula nayo mhla zili-14 kwephezulu. 

Umqeqeshi weSuper Eagles (iNigeria) uJose Peseiro uthi bazimisele ngokuthi bekhale bemuke nayo leNdebe.

“Akuyona into elula ukunqoba lo mqhudelwano kodwa sizokulwela ukuthi lokho kwenzeke. Siseqoqweni elinzima, kodwa kuzomele sizibambe ziqine ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo esingumkhulajezi” kusho uPeseiro. 

Sesisonke isikwati seNigeria esiya kwi-Afcon sithakwe kanje:

See Also

Onozinti: Stanley Nwabili (Chippa United, South Africa), Francis Uzoho (Omonia FC, Cyprus) Olorunleke Ojo (Enyimba FC)

Izitobha: u-Olaoluwa Aina (Nottingham Forest, England) Chidozie Awaziem (Boavista FC, Portugal); Bright Osayi-Samuel (Fenerbahce FC, Turkey); William Troost-Ekong (PAOK Salonika, Greece); Bruno Onyemaechi (Boavista FC, Portugal); Kenneth Omeruo (Kasimpasa FC, Turkey); Oluwasemilogo Ajayi (West Bromwich Albion, England); Calvin Bassey (Fulham FC, England); Zaidu Sanusi (FC Porto, Portugal)

Abasesiswini: Raphael Onyedika (Club Brugge, Belgium); Joe Ayodele-Aribo (Southampton FC, England); Frank Onyeka (Brentford FC, England); Alex Iwobi (Fulham FC, England)

Abagadli: Ahmed Musa (Sivasspor K, Turkey); Victor Osimhen (Napoli SC, Italy); Kelechi Iheanacho (Leicester City, England); Sadiq Umar (Real Sociedad, Spain); Moses Simon (FC Nantes, France); Ademola Lookman (Atalanta FC, Italy); Samuel Chukwueze (AC Milan, Italy); Victor Boniface (Bayer Leverkusen, Germany).

Scroll To Top