Sekuseduze iqale imidlalo ye-African Cup of Nations
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Akusele zinsuku ezingakanani ngaphambi kokuthi isuke ihlale imidlalo ye-African Cup of Nations (Afcon).
Le midlalo izoqala mhla zili-13 kwephezulu ize isongwe mhla zili-11 kuNhlolanja, izobanjelwa e-Ivory Coast.
Ngizofisa ukufisela iqembu lalapha ekhaya iBafana Bafana okuhle kodwa kulo mqhudelwano omkhulukazi e-Africa.
Emasontweni edlule uHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana, wagxekwa abaningi bethi umemezele abadlali abaningi bompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns.
Kubadlali abangama-23 abazobhekisa amabombo e-Ivory Coast uBroos wafaka abali-10 beSundowns.
Kuyangixaka okwenziwa abantu begxeka isenzo sika-Broos, ngoba phela akekho ongazi ukuthi iSundowns inabadlali abasezingeni okuwubufakazi balokho isinqobe amahlandla iligi yeDStv Premiership.
Emasontweni edlule ibe iqembu lokuqala ukunqoba i-African Football League (AFL), okuwumqhudelwano odlalwa amaqembu alapha e-Africa.
Kubadlali ababizwe uBroos beSundowns kukhona uRonwen Williams, uGrant Kekana, uKatlego Modiba, uTerrence Mashego, uKhuliso Mudau, uMothobi Mvala, uTebogo Mokoena, uThapelo Morena, uThapelo Maseko noThemba Zwane.
Mina kulabadlali ngingabafaka abayi-9 ngaphandle kukaMashego, bese ngifaka uPercy Tau noSiphephelo Sithole.
Ngowezi-2010 lapha eNingizimu Afrika iSpain sanqoba iNdebe YoMhlaba ngabadlali abaningi beFC Barcelona, behlangene nabancane beReal Madrid.
Ngowezi-2014 iGermany yenza esifanayo inqoba iNdebe YoMhlaba ngabadlali abaningi beBayern Munich.
Angisho ukuthi i-Afcon singayinqoba kodwa singenza kangcono ngabadlali abaningi beSundowns.
Abadlali beSundowns bayabazi ubunzima base-Africa, ngalokho ngeke bahluleka kwi-Afcon.
Ngiyafisa abalandeli bayeseke iBafana Bafana, njengoba benzile kumaBhokobhoko kweYoMhlaba, iBanyana Banyana kweYoMhlaba.
Abadlali beSundowns namanje ngisasho ukuthi ngibathwele ngeqom ukuthi bazosisiza.