Now Reading
Abacatshangelwe abalandeli uma kudayiswa amaqembu
Dark Light

Abacatshangelwe abalandeli uma kudayiswa amaqembu

Selokhu kwathi nhlo ukudayiselwana kwamaqembu ebhola yinto evumelekile emhlabeni jikelele. Kakade ibhola liyibhizinisi ngakho ukuhwebelana yinto engelona icala, inqobo nje uma kungephulwanga imigomo ebekiwe.

Osekuvamise ukubonakala kwenzeka ukuthi uma kufika abaphathi abasha, kuba noshintsho oluyisimanga.  Abanye bafika namaqhinga nomdlandla ovele udlondlobalise iqembu. Lokhu kuba nomthelela ezimbangini ngoba nazo zifinqa imikhono, zibhukule ngenhloso yokugwema  ukungahlulwa “ilo mbhemu” omusha osefike washukumisa inkundla.

Abaningi bazokhumbula ngesikhathi injinga uMnu uPatrice Motsepe ifika ebholeni laseNingizimu Afrika ikhipha umndeni wakwaKrok ithenga iMamelodi Sundowns. Abanye bakhala ngokuthi iyalibulala ibhola lakuleli ngoba ithenga noma ubani emfunayo emakethe ngoba inemali eningi futhi abadlali bayo bahola itshe lemali.Kodwa ezimbangini ezinjengoMnu uKaizer Motaung noDkt u-Irvin Khoza kwazisiza kakhulu. 

Laba baphathi beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bashintsha ukwenza baqala bangasaba ukugodola nemali. Nabo bangena emakethe bancintisana noMotsepe kwathula umoya. Umphumela kwaba ukuthi womathathu la maqembu ashintshisana ngokunqoba izindebe kwangaba iqembu elilodwa njengoba kuvamise ukwenzeka eSpain naseScotland.

Ngakolunye uhlangothi, ukufika kwenzinkisela zithenge amakilabhu kuba nomthelela omubi, ikakhulukazi kubalandeli. Lokhu ingoba bayawasusa amakilabhu lapho abezinze khona iminyaka bawayise lapho bethanda khona noma bedabuka khona.

Okunye okubuhlungu wukuthi uma belithengile iqembu bashintsha igama. 

Ngokwenza njalo baqeda nya umlando omuhle osuke uhambisana negama leqembu. Kodwa lo umkhuba owenzeka kakhulu lapha eNingizimu Afrika. Waqala ukubonakala uMnu uJomo Sono ethenga iHighlands Park ngowe-1982 ngesikhathi ebuya kodlala e-USA kuNew York Cosmos.

Yize kwaba nedumela ukuthenga kukaMjomane le kilabhu yabelungu kodwa ukushabalala kwayo kwaba buhlungu kubalandeli ababeyeseka ngobuningi enyakatho neGoli. Akukudala kangako ngesikhathi sibona AmaZulu ethenga isitifiketi seThanda Royal Zulu eyayingaconsi phansi kubantu baseMpangeni nenyakatho neKwaZulu-Natal. Ngikhumbula ngomunye unyaka ngihambele umqhudelwano owandulela ukuqala kwesizini, ngizizwela ngezindlebe zami abalandeli beThanda besabisa ukukhanda ngamatshe ibhasi elalithwele abadlali nabaqeqeshi baMaZulu FC.

Ngokubona kwabalandeli, uSuthu lwabancisha isinkwa nomuzwa wobumnandi bokudlala kuPremiership njengoba base beqalile ngezinhlelo zempilo yasezweni loju nobisi (iPremiership).  Kulikhuni ukubasola abalandeli beThanda kwazise base bewe bevuka neqembu sebenethemba lokuthi ekugcineni bazokuba neqembu okokuqala emlandweni wesifunda elidlala esigabeni esikhulu.

NeMpumalanga Black Aces icunule umphakathi wakulesiya sifundazwe okuphuma kulo ilanga.Yathengiselwa uMnu uJohn Comitis wayishintsha igama wayiqondisa ngakubo yabizwa ngeCape Town City.

Ngaphandle kweCity, imvamisa amaqembu asuke ethenge amaqembu awazinzi esigabeni esikhulu. AmaZulu, wona aqala athenga iDynamos kaMnu uPat Malabela, aseke agencwa izembe zacwila kanjalo izigidi zemali.

Kukhulunywa nje, kubanjwe umoya ngekusasa lawo kuPremiership. Lokhu kukhombisa ukuthi kukhona ukungahleleki okukhona kubaphathi. Ngoba kuyacaca ukuthi banayo imali, kungani bengagxili ekubumbeni iqembu langomuso elizozinza kunokuthenga? Kodwa-ke lolu udaba lwangelinye ilanga.

See Also

Hleze kungaba kuhle ukuthi lezi zinkinsela uma zithenga iqembu zingayikhohlwa imizwa yabalandeli abawa bevuka neqembu iminyaka. Phela abalandeli bafana namadlozi ekilabhini. Kuyaziwa ukuthi amaqembu angenabo aphephela emalini efakwa abalandeli ngokungena ngobuningi enkundleni.

Amanye aze athole abaxhasi ngenxa yokuba nabalandeli abaningi. Bunjalo-ke ubumqoka babalandeli. Uma abaphathi abasha bethutha ikilabhu kuthatha isikhathi ukuthi kukhule isibalo sabalandeli.

Uma sibheka phesheya kwezilwandle ikakhulukazi e-England, izinkinsela zakwamanye amazwe ezithenge iManchester City, iManchester United, iChelsea neNewcastle United aziwasusanga ezizindeni zawo.

Abalandeli bala maqembu abathathwa kancane ngoba baba neqhaza abalidlalayo ezinqumweni ezinkulu ezithathwayo.Sikhuluma nje umlando omuhle weBidvest Wits nobudlelwano beminyaka ecela kweli-100 usuphelele emoyeni nakhu ithengwe iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) yaseVenda.

Ibuhlungu indlela okuqedwe ngayo iWits ezokhunjulwa ngokuncintisana kuminyane utshumo namaqembu amakhulu nekhiqize inqwaba yabadlali abanohlonze. Kumele bashayelwe ihlombe osomabhizinisi baseGoli abahlanganile bavusa iMoroka Swallows ebesingcwatshiwe. Yize isibizwa ngeSwallows FC kodwa imibala yayo e-maroon nemhlophe isawugcinile futhi idlalela eSoweto, eDobsonville.

Scroll To Top