Amabandla ayelikhaya kwababelwa nohulumeni wobandlululo


Kulokhu kuqhubekile kuvela kancane ukuthi, uThula Bopela benoDaluxolo Luthuli yize babengamasosha oMkhonto wesizwe(MK) ngaphansi kwe-ANC, okuqala ukulwa impi bukhoma ngowe-1967 eRhodesia ingakabizwa ngeZimbabwe.Bonke babezalwa ngabazali ababewazi umnyango webandla ngokwehlukana kwabo ngamabandla.
Ayiveze indaba yabo lapho beboshiwe ejele laseRhodesia, ukuthi indaba yebandla, yabalandela futhi yayikhona ejele. Kwakungenkathi abefundisi bezobashumayeza ngenkani ukuba baphenduke babe ngamaKhrestu futhi ayezoya ezulwini.Bayihlaba inhlali ngoba baze babizelwa ojele, basasazelwa ngezinja,sakhala isibhaxu,yasha induku.
Ngicabanga ukuthi abefundisi basejele,babengenalwazi ukuthi lezo ziboshwa zepolitiki zabe zikhule ngaphansi kwezandla zabazali ababengalandeli bamabandla ehlukene. Bebemazi (beyiziboshwa) uMdali ukuthi ukhona. Kwakungoba kwakusegcwele imfundisoze yokuthi bubi ubukhomanisi.Ekubeni ubukhomanisi babungazange busungule amabandla,bakhe izindlu zokudumisa uMdali, buqambe izikole,impucuzeko nokunye esikulobizelayo kanye nesikufumbethe ngezandla zethu.
Kunesikhathi lapho igama elithinta ibandla noma isonto, livela kafushane ekhasini lama-36, ngenkathi uThula Bopela ebuza uMnu.uJB Marks bese-Dar-es-lsaam ngowe-1964. Lapho uThula aphawula ukuthi kwakumxaka okwamabandla abefundisi abamhlophe ukuthi ayebusisa amasosha empi ukuyolwa abulale futhi.Kepha abefundisi boHlanga babeyihlaba indaba yokuthatha izikhali kuyoliwa.
Lapha uqinisile uThula mayelana nabefundisi bamabandla abamhlophe, ukuthi ayesontisa,ayekhulekela amasosha amhlophe ukuba angalimali.Lokho kusabonakala namanje ngesakhiwo sendlu yebandla thizeni esisekhona,emva kokubhidlizwa kwenkambu yamasosha eyayingasolwandle, okwakuyinkambu yamasosha iNatal Command, eyayisemgwaqeni uBattery Beach Rd, eThekwini eduzane ne-Blue Waters Hotel kanye neSun Coast Casino.
Aqhubeke ekhasini le-117,besesejele iKhami Maximum Security Prison eRhodesia (eZimbabwe) ngowe-1967,ukuthi wayezicambalele ebhekise ikhanda phezulu. Ngenkathi indaba yebandla ivuka besejele,iziboshwa zishaya ihlombe, ezibukela. Zazicabanga ukuthi zazilengiswa kodwa zangalengiswa,lapho zakhumbula nomthandazo ngolimi isiShona zasho zathi:Ngatinamateyi Madzishe, okusho ukuthi madoda asithandazeni.
Yize ayekhuliswe (uThula) ngobuKhrestu kodwa wayengeyena umKhrestu. Wayengeyena umuntu owayehambela ibandla lakubo ukuyodumisa uMdali.Kodwa wayenolwazi ngoMdali ukuthi nguyena owadala okusezinqondweni nakho konke emhlabeni.
Kuthi ekhasini le-169 kuya kwele-172,kafushane sicaphunelwa ukuthi, ejele iKhami Maximum Security Prison, kwafika abefundisi bamabandla ehlukene ukuzoshumayeza iziboshwa zepolitiki. KwakunguMfundisi uMapondera webandla iMethodist lamaWeseli, uFather uMagava webandla Anglican Church,uFather uAnsgar Hoffman webandla iCatholic Church (ibandla lasemaRomeni). Babengayigqize qakala intshumayelo ababeshumayezwa yona ngabefundisi.
Kwaze kwasuka uMfundisi uMapondera, wacela ukuba zishaywe futhi ziphoqwe ukuza endlini yokudumisa eyayisejele,zizolalela intshumayelo.Bamtshela ezikabhoqo uMapondera.Babengezwa mshini ngobuKhrestu beyiziboshwa zasejele kodwa kwakungasho ukuthi babengamakhomanisi.Qha babengewona amakhomanisi.
Zathi iziboshwa,kwakudalwa,ukuthi ubuKhrestu buyimfundiso yabelumbi base-Europe, ukuthambisa aboHlanga bese bebaqonelukubabusa njengoba kusenjalo isinyelela namanje.Esinye isiboshwa sababalula ukuthi, lobubuKhrestu bayiswa emazweni ase-Europe kodwa bangayifaka ipolitiki futhi bangabaqonalukubabusa abelumbi base-Europe.
Iziboshwa zatshela abefundisi ukuthi uJesu wayengabandlululi njengoba kubandlulula abase-Europe abaletha ubuKhrestu e-Afrika.Wayekhuthaza ukubumbana ebantwini uJesu. Wayengachemile uJesu, wayekhuthaza ukulingana ebantwini,Ocebile akwazi ukusisela ongacebile.Lokhu okungenzeki ngaphansi kobuKhrestu. Abefundisi basale benkemile betshelwa yiziboshwa ngobuKhrestu, ababetshelwe nguhulumeni waseRhodesia ukuthi zazingamakhomanisi. Uyakhumbuleka nohulumeni wamaBhunu usigxisha kanjalo.