Now Reading
Maningi amagama ayisiLungu agcina esebizeka kalula ngolwebele
Dark Light

Maningi amagama ayisiLungu agcina esebizeka kalula ngolwebele

Akesenze okungenani, izinto ngokolimi lwebele, njengelinye lamafagugu noma lamafamlando aboHlanga balenkathi. Kube yisiqalo senhlakanipho nobuhlakani bukaMdali kukhonke esikwenzayo. Okubuhlungu senza njengaboHlanga basemandulo, ekubizeni amagama ezilimi zesiLungu njengoba enjalo. Kwazise ukuthi siwulibofuzo lwabo, siyigazi labo.

Sisayiswele inhlakanipho yokuzimela noma sisabuswele ubuhlakani bokuzimela, bokuzigqaja, singazingabazi,senze okuningi ngezilimi zebele zaboHlanga bakithi, kube yima siba nemigogodla.

Amanye alawo magama sisawabiza, siwaphimisa njengoba enjalo ngokolimi lwesiLungu. Bese ezwakala ezindlebeni njengezilimi zebele ngokwehlukana kwazo. Nanjengoba ayebizwa ngaboHlanga abasendulelayo. Kuze kubenini?.

Kwagcina sekungamagama amukelekayo kuze kube manje. Sazalwa sekuyizilimi zebele nemifakelo ezilimini zaboHlanga, agcina esewulimi lwebele olufundwayo. Uzoqaphela ukuthi lamagama ayengasetshenziswa ngaboHlanga. Ngoba, zazingekho izinto eziwulimi lwesiLungu ngokwaboHlanga. Phezu kwalokho aboHlanga babevele benazo izinto zabo ngokwaboHlanga, ngokwezilimi zebele, ngokobuhlakani babo, bengekho abase-Europe.

Ekubeni manje asikakakhombisi ubuhlakani obuqavile, asikakangezi kabusha ngokwanele amagama (amagama amaningi), ezilimini zebele. Sisakhuluma amagama, izaga, izisho, izifenqo, izingathekiso, iziteketiso nokunye ngokwasendulo bengakafiki abelumbi. Basasehlula abasemandulo ngokwaboHlanga. Kadeni abanye boHlanga, bazoqholosha, bathi bayabedlula abasemandulo ngoba bebuka ngamehlo, ngomqondo wemfundo ngokwase-Europe. Imfundo ngokwase-Europe esingakayingezi kabusha ngokwanele, kuseyinkeshezana kuzozonke izindawo zokuphila.

Njengokuthi, phambilini aboHlanga basemandulo, babelima, bedla umoba njengoba unjalo. Babengawuguquli umoba, wenziwe isinandisi noma ushukela. Yingakho kusabizwa ngomoba. Ekufikeni kwabase-Europe, baze baguqula nomoba kwabizwa ngolwesiLungu ngokuthi, sugar. Kanti amaBhunu esesungule ulimi lwawo eNingizimu Afrika athi suiker.

Yingakho sinamagama abizwa ngokwehlukana kwezilimi zaboHlanga, esuselwa olimini lwesiBhunu, lwesiLungu nezinye. AboHlanga basemandulo bawabiza lawomagama ngokwendlela yokuphimisa izilimi zabo zebele. Kafushane yilamagama: Ushukela ngokolimi lwesiZulu bekususele kwelesiLungu elithi, sugar. Uswikiri ngokolimi lwesiXhosa, tsoekere ngeseSotho, sukiri ngeseTswana, bekususela ekuphimisweni ngesiBhunu igama elithi suiker (seyikere). Sisasibiza kanjalo lesi sinandisi thina boHlanga balenkathi.

Sisabiza elithi boer ngokuthi iBhunu, telephone ngokuthi uthelefoni. Sisabiza ngokuthi isikole njengaboHlanga basemandulo. Babekususele egameni lolimi lwesiBhunu elithi skool.

See Also

Sinelithi apple esilibiza ngokuthi i-aphula, baas (okuyisiBhunu) sathi ubasi, elithi cabbage sithi iklabishi, elithi bed sithi umbhede, drievoete (okuyisiBhunu), sithi idelifuthi. Sithi itafula okuyigama lesiBhunu tafel, apricot sithi aphrikhoth, avocado pear sithi ukotapeya, orange sithi i-olintshi, wonke lamagama namanye namanje

kusenjalo kuthina balenkathi. Zolo lokhu ngowezi-2021 kusukela ziyi-08 kuya ziyi-14 kuNtulikazi, sathi igama uloot ngesilungu, ngolimi lwebele ukulutha. Ekubeni ukulutha kusho ukukhohlisa, ukudida umqondo, ukuyenga umuntu. Ngamanye amazwi sithi abantu babekhohlisiwe, babedidwe imiqondo ukuba bayontshontsha ngesankahlu (babeyotapa) ezitolo. Sakhohlwa ukuthi yini ukulutha.

Sawaphimisa enjalo amagama, icellular phone noma cellphone ngokuwabiza sithi iselulafoni, Iselifoni. Asikakazami ukuhumusha nokutolika amanye alamagama.

Kube elithi: Loadshedding sathi lodishedingi kusukela ngowezi-2008. Senganxusa ukuba sithi ngolwebele: Ukucinywa kukagesi izikhawu kukagesi ngenhloso yokonga amandla awo. Ukwandisa amandla kagesi. Ukucimakongugesi. Ngibalulile ngomlando ukuthi kwaqala ukucinywa kukagesi ngokuwonga ngalendlela ngowe-1990.

Scroll To Top