Sizozwakala kusasa isinqumo ngabadlali beMoroka Swallows
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMoroka Swallows enezinkinga zezimali isinqumele abadlali bayo usuku abazobhekana ngalo nesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe kwangaphakathi kulandela amacala okungaziphathi kahle.
Abadlali beMoroka Swallows baqala isiteleka esingekho emthethweni nokwadala ukuthi iPremier Soccer League (PSL), ihoxise umdlalo wayo neMamelodi Sundowns mhla zingama-27 kuZibandlela sekusele amahora ambalwa lowo mdlalo uqale.
Akugcinanga lapho njengoba kwaphinde kwahoxiswa umdlalo wayo owabe izowudlala neLamontville Golden Arrows ngawo uZibandlela.
Kuvele ukuthi kusasa ngoLwesihlanu abadlali bazonikezwa ithuba lokuphikisana neqembu, ngasohlangothini lweMoroka Swallows kuzodingeka ukuba ibahlawulise noma ibaxoshe uma betholakala benecala.
Abadlali beZinyoni ngokwe-South Africa Football Players Union (SAFPU), babethenjiswe amaholo abo ngasekuqaleni kukaZibandlela ngusihlalo uDavid Mogashoa kodwa kuze kwasala izinsuku ezine ingangenile imiholo.
UMogashoa usevule isifuba ngeqiniso ng
ezinkinga zezimali ezibhekene neqembu, nokuvela ukuthi angalidayisa makungafika abantu nemali ayifunayo.
Okwenza leli qembu elibalwa namadala ku-PSL lingabi namali kuwukuntuleka kwabaxhasi.
Phambilini kuke kwavela izinkampani ebezifuna ukuxhasa leli qembu kodwa zachithwa iPSL, enye yazo iGold Rush okuyinkampani yokugembula. Kuvela ukuthi le nkampani ibizokhipha izigidi ezili-R15 ngesizini.
Akukhona okokuqala leli qembu libhekana nalesi simo, kwenzeka ngesikhathi liqeqeshwa uDylan Kerr nowagcina ehamba kulona.
Kuyimanje iMoroka Swallows ihlezi endaweni ye-11 kulogi ngamaphuzu ali-19 emva kwemidlalo eli-14.