Now Reading
Kunqobe iDestroyers yaseMtshezi kuMpofana Heroes Cup eMooi River
Dark Light

Kunqobe iDestroyers yaseMtshezi kuMpofana Heroes Cup eMooi River

Kukhonye iDestroyers FC ehlabane ngesizumbulu sezi-R50 000  kuMpofana Heroes Cup ebibanjelwe eMooi River.

Lo mqhudelwano odonsa izinkumbi zabantu usongwe mhla zingamashumi amabili nesithupha kuZibandlela. Angamashumi amathathu nane amaqembu abebanga isicoco. IDestroyers yaseMtshezi iguqise iBhova FC kowamanqamu.

Ngokulala endaweni yesibili, iBhova FC ihlomule ngezi-R20 000  kwase kuthi iMaqonqo FC yakhala yemuka nezi-R10 000  ngokuyibamba endaweni yesithathu. IChampions igoduke nezi-R5 000 ngemuva kokuqeda endaweni yesine.

Umgqugquzeli womqhudelwano uMsawenkosi Duma utshele elaboHlanga ukuthi bagculisekile ngezinga elikhonjiswe amaqembu kulo mqhudelwano.

“Isasasa belilikhulu kakhulu kulo mqhudelwano wakulo nyaka. Ingqwele okubhekwe ukuthi zidle umhlanganiso zisheshe zaphuma. Lokhu kusidwebe sacaca isithombe sokuthi amaqembu abezimisele. Izinga beliphezulu kakhulu,” kubeka uDuma exoxa nelaboHlanga.

IHeroes Cup iphinde yahlomulisa nabadlali nabaqeqeshi kulo mqhudelwano okuyinto engajwayelekile.

See Also

“Umdlalo ovelele emqhudelwaneni ugoduke nezi-R2 000 . Kubeyimali efanayo nakunozinti ovelele, umshayimagoli ohlohle amagoli amaningi nomqeqeshi ovelele. Umdlali ovelele kowamanqamu uthole ama-R500. Le mihlomulo yenze izinga labasezingeni eliphezulu ngendlela eyisimanga,” kuchaza uDuma.

Umshayimagoli ovelele ugcine ebhanjise ezintanjeni amagoli ayisithupha. Ukube ushaye ayishumi ubezothola izi-R4 000.

“Ngaphandle kwemvula akukho okunye okube yizingqinamba. Konke kuhambe kahle. Kulo nyaka sibheke ukukhulisa isiteki eqenjini elidle umhlanganiso,” kuchaza uDuma.

Scroll To Top