Yini eyenze uMsholozi waqoma ukubuyela ehlathini?
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Uqoke usuku uphiko lwezempi uMkhonto Wesizwe olwasungulwa ngalo nokuwu suku iNgonyama uDingane adudulana nabaDeshi.
Amasonto amabili abeke injolozela komakadebona be-African Nationala Congress (ANC). Lawa ngamalungu ngokomthethosisekelo wenhlangano ahlonishwa njengasedonse isikhathi eside enobulungu obunganqamukiyo. Kulolu hlobo lwamalungu kusuke kulindelwe ubuhlakani, ulwazi olunzulu ngomlando weqenbu kanjalo nobuchule bokubhekana nezingqinamba . Nokho kulamasonto edlule amalungu amabli obakadebona enze obekungalindelekile kuwo.
Kuqale uMnu uMavuso Msimango odlulisele incwadi yakhe yokwesula eqenjini nokuyinto eshaqise abaningi. Phakathi kwezizathu azibekileyo kube wudaba lwenkohlakalo athe idla lubi enhlanganweni nosekuyenze yangefana naleyo ayijoyinayo eminyakeni engaphezu kwama-60 eyedlule. Bathe abantu bakuleli namalungu eqembu besanambitha lokhu, gwiqiqi uThabizolo wabe eseguqula isinqumo sakhe sokwesula. Lokhu uthi ukwenze emuva komhlangano noNobhala Jikelele uMbalula kanye nokudodiswa ngabalingani bakhe komakadebona.
Kuthe kusenjalo ngosuku langoMgqibelo omunye umakadebona uMnu uJacob Zuma esithangamini sabezindaba wamemezela ukuthi usengene esithenjini sepolitki. UMsholozi uthe kayindawo njengelungu le-ANC kepha ngonyaka ozayo uzovotela inhlangano entsha UMkhonto Wesizwe hayi uKhongolose. .
Okube sobala kulesi simemezelo sikaZuma wukuthi lokhu kade akuhlela. Ukubhaliswa kwegama ku-IEC kukodwa nje kusho uhlelo oluthile obelulandelwa futhi lwaba yimpumelelo. Okwesibili kube wukusetshenziswa kophawu loMkhonto Wesizwe. Lokhu kusho okuthile mayelana nobudedengu be-ANC bokungakwazi ukuvikela igama nophawu lombutho wayo wezempi. Kuze kube yimanje i-ANC ayikasho ukuthi yabe ilibhalisile yini igama kwase kuqaleni ukuze livikeleke.
Leli lika MK Military Veteran akulona igama loMkhonto Wesizwe we-1961 kepha luhlaka oluhambisana nokuhleleka kukahulumeni njengoba sekuno mnyango obehekele izingwevu zomzabalazo. Uma kuliqiniso ukuthi i-ANC ayilivikelanga igama lawo kuyosho ubudedengu nehlazo.
Ubuchule nenhloso kaZuma bokwethula isinqumo sakhe ngomhla zili-16 kuZibandlela kube sobala. Lolu suku yilo okwethulwa ngalo uMkhonto Wesizwe njengombutho wezempi. Ngokusemthethweni uMkhonto Wesizwe wasungulwa ngalolu suku ngowe-1961. Ngalo futhi lolusuku impi yeNgonyama uDingane yabhekana nabaDeshi eNcome. Ngokuqondanisa usuku uMsholozi ukwazi kahle futhi ukwenze ngabomu. Uyazi ukuthi kukhona imizwa ethile okuzoyivusa kwabathile.
Uqome ihlathi
Ukwethula uMkhonto weSizwe kukaZuma nokuveza ukuthi uzowuvotela kumangaze abanye abebecabanga ukuthi angahle azibandakanye nabe Econimic Freedom Fighters ( EFF). Abebe nalombono babone labo abaseka nabasebenza noZuma njengoMnu uManyi, uShezi noNiehaus sebejoyine i-EFF. Kwabanye bekwenza umqondo ukuba uZuma eseke iZitoyitoyi nokuyizimbangi ezisobala zikaKhongolose.
Nokho leso sinqumo besingahle simthene amandla uZuma ngoba ubezobe ejoyina iqembu lomuntu ( uMalema) . Okwesibili izimbangi nabagxeki bakhe kuKhongolose bezo ngelokuthi useludibi lwesitha sabo. Ngokukhetha ihlathi (uMkhonto Wesizwe) uZuma ukhethe umlando ayeyingxenye yawo. Ukhethe ihlathi ngoba ulazi kangcono. Khona lapho ekuqomeni ihlathi wazisa abantu ukuthi lapha kusempini, ukuthi umzabalazo usaqhubeka.
Yize bengeke bonke labo ababe nguMkhonto Wesizwe wange-1961 bahambe naye bakhona abozomuzwa uZuma ngakho ngoba naye usizi lwabo uyalazi yikho ezolukhuluma ulwimi lwabo. Abanye bazibona bengabalahlwa yize badela ubusha babo. bezibandakanya nomzabalazo. Kubo uZuma ungumkhulumeli wabo, umalamulela kulokho ababhekene nabo bona nemindeni yabo.