Now Reading
Kungani i-EFF ne-IFP kumele bakhathazeke ngoMkhonto Wesizwe?
Dark Light

Kungani i-EFF ne-IFP kumele bakhathazeke ngoMkhonto Wesizwe?

Amalungu e-ANC akade engavoti futhi enganeme asengathola ikhaya kumuntu abamaziyo

Akuyona imfihlo ukuthi iningi lamalungu e-African National Congress (ANC) nalabo abakade beyivotela yonke leminyaka bake baba nenkinga okhethweni olwedlule lukazwelonke nalolo lohulumeni bendawo. Inkinga bekuwukuthi kukhona abangakuthandi okwenzeka enhlanganweni yabo yeminyaka nokulindeleke ukuba bayivotele ngesikhathi sokhetho . Uma kuhlaziywa izibalo zokhetho kuyavela ukuthi laba, okungamalungu nabasekeli benze izinto ezimbili ekujeziseni kwabo iqembu labo, uKhongolose.

Okokuqala banquma ukuvota ngezinyawo. Okusho ukuthi ngosuku lokhetho kabavotelanga muntu, bahlala emakhaya. Ukungavoti kwabo kwathinta isibalo esiphelele sabavoti jikelele kwabuye kwathinta izibalo zikaKhongolose qobo. Umphumela walokhu kwaba wukuxhuga kwalenhlangano emadolobheni amakhulu nokwaba sobala nakusifundazwe iKwaZulu-Natal kakhulukazi okhethweni lohulumeni bendawo. 

Isinqumo sesibili nesabe sibukeka sinzima kwaba wukuthi lamalungu nabaseki bakhethe iqembu elithile ukulivotela hayi uKhongolose. Mabili amaqembu azuza kulesi sinqumo, kwaba yi-Economic Freedom Fighters kuzwelonke ne-Inkatha Freedom Party kakhulukazi kwaZulu-Natal.

Baningi ababethi sebengamane bavotele uMntwana besho Inkatha kune-ANC yabo ababeyisola   ngokuhlukumeza  omunye wabo , uMsholozi. Abanye bebezwakala bethi “Kungcono uMalema kunoRamaphosa” bebikezela khona ukuthi bazovotela iZitoyitoyi.

Ipolitiki iyaguquka

Namuhla emuva kokwethulwa kweqembu uMkhonto Wesizwe maningi amathuba okuthi laba basondele ngakumuntu negama abalaziyo. Ekhuluma kulempelasonto, uMsholozi usebenzise amagama anobuchule ukuze alungise onembeza bepolitiki yalaba bantu. Uqale wathi yena kayishiyi i-ANC. Igama lesibili yilelo lokwehlukanisa i-ANC ayaziyo nabo abayaziyo naleyo ayibize ngeka Ramaphosa. Lokhu emqondweni kwenza umuntu akholwe wukuthi ngokungavoteli uKhongolose ngonyaka ozayo kagili iqembu kepha uginga umkhumbi kaRamaphosa. 

Zikhona futhi nezinkomba zokuthi uZuma uzokwenza lokhu abe-EFF abathi bayakuzama, ukuhlanganisa izinhlangano ongxabo zabo sisemzabalazweni waboHlanga. Lokhu kuyihlulile i-ANC kuleminyaka ecela kuma-30. Izinhlangano ezifana nePan African Congress ne-Azanian People’s Organisation ebese ziqala ukuwuza umlayezo we- EFF wobunye bamaqembu omzabalazo sebengabuye bathi ukunika uMkhonto Wesizwe ithuba kulokhu. Okunye okungephikwe wukuthi uma izinombolo zivuma abe- EFF ngeke bananaze ukuhlangana noMkhonto Wesizwe baketule “i-ANC kaRamaphosa”.

See Also

Inkatha  nayo kayibheke

Ethula isinqumo sakhe uZuma uphawule into emqoka – ukuphatheka kwaMakhosi noBukhosi ngaphansi kwedemokhrasi. Le nkulumo iwukuphuca Inkatha Freedom Party (IFP) iqatha emlonyeni. UZuma ukubuke kahle ukungabi bikho koMntwana obeyisikhuphekhuphe ezindabeni ezithinta uBukhosi naMakhosi. Akumfihlo ukuthi iningi laMakhosi kwaZulu-Natal ahlukene phakathi . Kukhona lawo abona ihawu lawo kuyi -IFP kanye nalawo athi uKhongolose ulihawu.

UZuma kubukeka kulula okwakhe ngoba esengumengameli nguye owathi izinduna okuyizo ezihamba phansi enhlabathi kazikhokhelwe abanye eqenjini lakhe bengafuni. Uzothi kuzo ukuze “sivikele isinqumo sokuholela izinduna ungunaphakade kasibe yimbumba” nokuyobe sekuphelile ke ngamandla e-IFP noBukhosi.

Kuthiwa kupolitiki usuku nezinsuku yisikhathi eside. Ukhetho luseza ngakho kuningi okungenziwa ngamanye amaqembu ukuguqula lesi sithombe kepha okwamanje isithombe lesi esikhulu ngesithi uMkhonto Wesizwe ufikile – uZuma ufikile.

Scroll To Top